Imibuzo umsolwa ehleka inhlinini enkantolo

2018-05-06 12:59

Durban - Kushiye imibuzo ukuhleka inhlinini kukamsolwa ecaleni lokubulawa ngokudutshulwa kukaZolile Khumalo, 21, obeyisitshudeni saseMangosuthu University of Technology (MUT) ngesikhathi evele okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesine.

UThabani Mzolo ubevele phambi kwemantshi, uMohamed Motala. Utshelwe ukuthi uthweswe amacala amabili, elokubulala nelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

Inkantolo imbuzile ukuthi uyawezwa yini amacala athweswe wona, wavuma.

Ngasekuqaleni kwecala uqale wabuzwa ukuthi ufuna ukutolikelwa yini noma uzokhuluma isilungu wamoyizela wahlikihla izandla maqede wathi ucela kutolikwe.

OLUNYE UDABA:Izitshudeni zase-MUT zifuna kuqine ezokuphepha

Uphinde wabuzwa ukuthi ngabe uzomdinga yini ummeli wakwaLegal Aid noma uzozitholela owakhe, wakhetha owe-Legal Aid.

Libe selihlehliselwa umhlaka-10 Meyi, lapho ezobe esaziswa noma uyayithola yini ibheyili noma cha.

Ngesikhathi engena enkantolo ephuma phansi emgodini ogcina iziboshwa nabasolwa ubeholwa yiphoyisa - kuthe ngesikhathi ememfuka phambi kwenkantolo imantshi ingakangeni kwaba nemvunge nesililo kubangani bakamufi.

Ucishe wedlula ebhokisini okumele ame kulo labasolwa wabuyiswa iphoyisa.

Ubebuvulile ubuso ngesikhathi izintatheli zimthatha izithombe, kamuva wazimboza ngesigqoko sesikibha sakhe wabheka phansi.Uze wasihlehlisa sekungena imantshi.

Abanye bebethi uyahleka kodwa abanye abadala emacaleni afuze lawa bamchaze ngokuthi ubenyewuka, okuyisenzo esizenzekelayo lapho umuntu enokudideka noma engazi ukuthi kumele enzeni.

Thola udaba oluphelele kwiphephandaba ILANGA LangeSonto.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...