Imchithile inkantolo obegweve nesidumbu somyeni wakhe

2017-06-15 11:01

Durban - Ugcine engcwatshwe ngumndeni wakhe owesilisa waseNzalabantu, KwaMbonambi, enyakatho yeKwaZulu-Natal, odutshulwe wabulawa ezodabula incwadi yomshado nomkakhe ngakusasa emuva kokuba umngcwabo wakhe ubhuntshile inkosikazi igweve nesidumbu.

Iphelile injabulo kuHappiness Mbuyazi, uMaNtuli, echithwa yiNkantolo eNkulu yaseThekwini esicelweni sakhe sokungcwaba isidumbu somyeni wakhe, uMandla Mbuyazi, abesehlala ngokwehlukana naye emuva kokuba embambe oqotsheni ezitika ngocansi nenye indendoda ewumakhelwane wakhe ngo-2014.

Umngcwabo bekufanele ube mhlaka-4 kwephezulu kodwa wabhuntsha ngenxa yokuthi uMaNtuli ufike nabakubo ephethe incwadi yenkantolo evimba abakwaMbuyazi ukuba bafihle uMbuyazi.

Umufi ugcine efihlwe ngeSonto esiphuma kulona.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa umka Ndunankulu

Kuthiwa uMbuyazi, oshone esehlala nengoduso emzini wakhe, udutshulwe wabulawa ephikelele emsebenzini kwaTransnet ngoMeyi 25.

Ubulawa nje ngakusasa bekulindeleke ukuba bavukele enkantolo noMaNtuli kuyodatshulwa incwadi yomshado njengoba besekuphothulwe konke ngesehlukaniso.

NgoLwesine olwedlule inkantolo ivune abazali bamufi ukuba baqhubeke namalungiselelo omngcwabo.

Kuthiwa uMaNtuli ubengabonwa ngosuku lomngcwabo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...