IMabala Noise izomemezela ukudedelwa kwabaculi abayisikhombisa

2017-07-16 19:03

Durban – Ibhantshi ligcwale umoya kobengumxhumanisi wezindaba nenkampani yomculo iMabala Noise, uMhlo Gumede.

ILANGA LangeSonto litho ukuthi uGumede uxoshwe ngoLwesithathu kule nkampani ngemuva kokuvela kwenzinsolo ezimbi zokuthi uyagwazisa.

Kuthiwa uGumede usolwa ngokugwazisa abaculi abasafufusa, abathembise ukubasayinisa izinkontileka zokuqopha ngaphansi kweMabala Noise.

Ngokuthoa kwaleli phephandaba, uGumede uphinde asolwe ngokubandakanyeka ekwebiweni yale nkampani.

Imenenja yesitebela uSikhulile Nzuza, utshele leli phephandaba ukuthi kuyiqiniso ukuthi izinyawo zigcwale udaka kuGumede.

“UMhlo wenze okuphambene nomthetho wenkampani, ngalokhu kumele ajeze. IMabala kayihambisani nakwenzile ngoba kuphula imigomo yenkampani,” kusho uNzuza.

Utshele iphephandaba ukuthi kunabaculi abayisikhombisa abagudluziwe ngoba bengenazo izimfanelo ezidingwa yinkampani.

“Okwamanje ngeke ngikwazi ukudalula amagama abo abaculi, bazovezwa ngesikhathi esifanele,” kusho yena.

ILANGA LangeSonto lizamile ukuxhumana noGumede mayelana nalezi zinsolo kodwa ucingo lungena egunjini lemiyalezo. UGumede ushiyelwe umyalezo waphinde wathunyelelwa nomqhafazo kodwa lutho ukuphendula kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

Kuzokhumbuleka ukuthi Udj Bongz noRiky Rick bashiye isigubhukane kulesi sitebela ngenxa yokungeneliseki.

 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-27°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...