Ihlafuna ijeqeza iMeya yakwaMhlabuyalingana esongelwa abasebenzi

2017-05-15 11:03

kwaMhlabuyalingana - Isiphenduke iqaqa ezisebenzini iMeya yakwaMahlabuyalingana uNkululeko Mthethwa.

NgoLwesine olwedlule izisebenzi zabeka phansi amathuluzi ziyisola ngokuncikisela ngomsebenzi.

Lezi zisebenzi ebezivutha zingabaselwa zithi ngeke zikuthole ukuphumula uma lo masibala usaholwa wuMthethwa.

Zonke izimoto zalo masipala bezihlotshiswe ngezingqwembe ezibhalwe ukuthi, "mayihambe iMeya, sifuna ukusebenza."

Ezinye izimoto bezibhalwe ukuthi iMeya mayihoxise incwadi eyibhelele iMenenja kaMasipala uSbusiso Bukhosini ukuba ingabe isaqhubeka nokukhipha amaphrojekthi, ukukhipha izimali kwenziwe imicimbi kamasipala nokuhambisa ezinye izinsiza kubantu.

Ngokusho kukaSboniso Bhengu obekahola imashi yezisebenzi, okubadina kakhulu wukuthi iMeya inezinhloso zayo ezingezinhle futhi idicilela phansi igama likaMasipala.

OLUNYE UDABA: IMeya yeTheku ithi wonke amakhansela kumele akhulume isiZulu

"Siyakubona nje konke okwamaholo esingakhushulelwa wona, sikhathazekile ngoba iMeya iyaye isitshele ukuthi singabantu bakababa uSolomo Mkhombo oyiMeya eMkhanyakude njengoba iningi lethu laqashwa kusaphethe yena kulo Masipala.

"IMeya ekhona njengamanje ithi kumele sixoshwe sonke ukuze izokwazi ukuqala ingene kahle emsebenzini nezisebenzi zayo ezintsha," kusho uBhengu.

USomlomo walo masipala uBusisiwe Tembe, ubengabonwa ndawo ngesikhathi izisebenzi zifuna ukwethula uhlu lwezikhalazo.

UTembe uthumele isekela leMeya uFikile Mlambo naye uthumele ikhansela elisesigungwini esiphezulu.

Leli khansela lihlulekile ukukhuluma nezisebenzi ngoba bezilisho ngenhlamba zithi azifuna kubona umcondo weMeya kulo masipala.

Ngesikhathi iphephandaba iLANGA lizama ukuthola ukuphawula kuTembe, ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C High level clouds. Mild. Pta: 6-20°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-20°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 10-18°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...