Igcokama ligadle kwimbangi

2016-12-04 11:04

Durban - Usolwa ngokuphambana nemiyalelo yamakhosi, umculi kamasikandi obekhuzwe ukuthi angalinge agadle ngamazwi kwimbangi yakhe, ezingomeni ezikwi-albhamu ebilindelwe ngabomvu kulo Zibandlela (December).

NgoLwesine kuleli sonto uMthandeni "iGcokama Elisha" Manqele uyidedelile le albhamu esihloko esithi "Amagolide". Kule albhamu kunengoma enamagama ayiziswana, okunezinsolo eziqinile zokuthi ugadla ngayo kuKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose, okwaziwayo ukuthi bake banengxabano eshubile.

Kuzokhumbuleka ukuthi le ngxabano ize yangenelelwa ngamakhosi amabili laba baculi abaqhamuka ngaphandi kwawo, okungeyakwaMpungose eNkandla, neyaseMdletsheni, eHluhluwe, njengoba bese kucaca ukuthi impi isikapakele nakubalandeli balaba baculi. 

Ingoma okuyiyo eshayisa ngamakhala inezinhlamvu ezithi "wena sinikiniki somfana upikela bani, namazinyo alele isithwathwa? Uzizwa unjani uma kwenzekile wageza dixa".

Iqhubeke ithi "Gcokama awugxobe lo ngxathu, usephuphile umshefana, awubheke uswel' izinyo, uyanuka, mubambeni niyomgeza amakhwapha namansense. Ngingumchilizi wedixa phansi eMgungundlovana, kwaze kwakhononda abasakazi boKhozi uNgizwe noBeekay bathi anomkhuza ageze ikhwapha. Kuyolamula ukuhluka kwezinyo lakho wedixa, mgodi onukwa izinja".

Umthombo weLANGA LangeSonto uthi ubematasa esitudiyo uMthandeni ezama ukuhlunga ezinye izinhlamvu ezilumelayo kakhulu emuva kokuba edonswe ngendlebe ngamakhosi njengoba wayekade ethe kuwona useqedile konke esitudiyo ngokuqoshwa kwayo, wathi ngeke kusashintsheka, kodwa waphoqwa ukuba abuyele eyokhipha izingoma ezinochuku.

Leli phephandaba belibikile phambilini ukuthi zihoxisiwe izingoma kodwa kubuye kwavela ukuthi ubuyelile wayofaka okunye emuva koshicilelo.

Ngokuthola kwaleli phephandaba, kunabathile abamluleke ngokuthi makazidedele lezi zingoma ziphumele emphakathini.

"Kunezinto ebezikhona kule albhamu esizwe zingasekho uma isiphumile, okucacayo wukuthi uzihoxisile kodwa waziyeka ezinye," kusho umthombo.

UMthandeni uthi abaculi bayamsukela bese begijime beyobikela amakhosi ngenhloso yokuthi kuvinjwe yena.

OLUNYE UDABA: Bazoklonyeliswa omaskandi abangazwani uma besebenza ndawonye

"Kudlalwa ngamakhosi, abantu abadala. Kulokhu kwenziwa imihlangano engabalulekile ngoba kwaziwa vele ukuthi amakhosi awanalo ulwazi lokuthi kuqhubekani kumasikandi. Okusho ukuthi mina ngisazobamba imihlangano nenqwaba yamakhosi engaphezulu kwangama-50, ngokwesibalo sabaculi abakotela kumina, abangithuka ngingaxabene nabo," kusho uMthandeni.

Lo mculi ubhale kuWhatsApp wakhe ukuthi yena akahlambalazi ngoba akayiphiwe inhlamba.

INkosi yaseMdletsheni eHluhluwe uBonga Mdletshe okuyindawo okudabuka kuyona lo mculi, ithe ngeke iphawule kakhulu ngoba ayikakayitholi le albhamu. Ithe uma isiyizwile yilapho-ke izokhuluma khona ngoba le nto ikhuziwe, kwavunyelwana.

Ngakolunye uhlangothi uKhuzani Mpungose walile ukuphawula. Le albhamu kuthiwa ihambisa okwamagwinya ashisayo kwazise ibilindelwe ngabomvu.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-28°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-23°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 6-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...