Igaya izibozi inhliziyo yofaniswe nenkawu

2017-07-15 15:17

Durban - Igaya izibozi inhliziyo yowesilisa waseJozini, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal othi ufaniswe nenkawu ngemuva kokungaboni ngasolinye nomqashi wakhe ngoFebhuwari njengoba esola ukuthi icala alivulile lithatha undendende - okuyinto athi yenziwa ngamabomu.

UThabo Khanyile uthi ubizwe wafaniswa nenkawu ngumqashi wakhe, uMohammed Razeeiden Ali, ongumnikazi wenkampani yonogada iBlue Ocean ezinze eThekwini.

Uvule icala lokuhliswa isithunzi ngawo uFebhuwari eNkantolo yezokuLingana eThekwini kodwa ubona sengathi kudlalwa umacashelana ngalo njengoba kulokhu kungaphunywa nosuku okufanele ikhulunywe ngalo.

OLUNYE UDABA:Usopolitiki ubize umdlali webhola ngenkawu

Utshele ILANGA ukuthi usecabanga nokuthi lolu daba lundondiswa ngamabomu ngoba imantshi, umshushisi nommeli kammangalelwa ngabebala lakhe.

Uthi usola nokuthi umphenyi wecala ufumbathisiwe ukuze alunyathele lolu daba ukuze lungaqhubeki.

Uveze ukuthi umphenyi wecala akaxhumani naye, enjalo nje uma efika enkantolo uqala ngokuvalelana nomshushisi nommangalelwa ehhovis (lomshushisi).

Uthi uncamela ukufa kunokuba esule leli cala.

"Ngeke ngilesule leli cala ngoba umphenyi walo uhlangene nghami nomuntu engimmangalele, kangazi noma wenziwa ukuthi wayengekho yini mhla ngibizwa ngaknawu.

"Kumanje ngidonsa kanzima, ungibize ngaleli gama maqeda wangixosha emsebenzini. Okwenzeka enkantolo kuyangikhalisa kakhulu ngoba kabafuni ukulalela ukukhala kwami.

Uma ngizama ukuchaza, bajaha ukuthi mangesule icala futhi kangincengwa ngiyaphoqwa ukuba ngilesule bese sixolelana. Ngixolelana kanjani nomuntu ezinkantolo ekubeni yena abukisa ngami phambi kozakwethu nabanye abantu ababeyofuna usizo enkampanini?

"Ngiyamsola ukuthi ugwazelwe umphenyi waleli cala ukuba angakhulumi nami futhi alunyathele lolu daba ukuze lungaqhubeki. Kumanje ngifisa noma ngubani ongangisiza ukuba angenelele kulolu daba ukuze ajeze lo mqashi futhi kugezeke igama lami. Nginobufakazi lapho engibiza ngenkawu," kusho uKhanyile.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe likhona icala lokucwasa elivulwe esiteshini samaphoyisa asePhoyinti eThekwini.

Uthe lizongena enkantolo ngomhlaka-26 kwephezulu. Unxuse ummangali ukuba axhumane nomphathi wamaphoyisa amchazele ngokungaagculiseki kwakhe. 

"Umsolwa uzovela enkantolo ngomhlaka-26, uma kwenzeka engafiki uzoboshwa," kusho uGwala.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-18°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...