IDowns iklinywa wumthetho we-PSL

2017-07-04 14:00

Durban – IMamelodi Sundowns ibanjwe ngobhongwane wumthetho wePremier Soccer League othinta abadlali bokufika abavumelekile ukusayina ngesizini.

ILANGA lithole ukuthi iDowns iyamdinga uKudakwashe Mahachi waseZimbabwe obebolekiswe kwiLamontville Golden Arrows ngesizini edlule.

Lo mdlali ubefana nenjini kuBafana Bes’thende njengoba ebambe elikhulu iqhaza ekutheni le kilabhu kaMato Madlala ideqe ikwi-top 8.

Nokho iSundowns isimbuyisile ukuqala ukujima nayo kuleli sonto.

Umthombo weLANGA ongaphakathi kwiDowns uthi nakuba le kilabhu imdinga uMahachi ngesizini ezayo kodwa inkinga ebhekene nayo wuphawini wabadlali bangaphandle.

OLUNYE UDABA: Konke kuvuna iDowns kwiCaf

“Lokhu kungase kuphoqe ukuthi iSundowns ihambise uMahachi kwiCape Town City ukuze ihlabane ngo-Aubrey Ngoma ngoba badlala endaweni efanayo.

“IDwons imdinga eChloorkop uNgoma benoLebohang Manyama ngesizini ezayo. Laba badlali baseqhulwini lwabadlali abafunwa yithimba labaqeqeshi bekilabhu,” kusho umthombo ogcizelele ukuthi le kilabhu izimisele ngokuhlukana nanemali ngalaba badlali abasenezinkontileka neCity.

Uqhube ngokuthi nxa iqinisa ikhanda iCity kungenzeka uMahachi ahanjiswe kwiMaritzburg United bese iDowns ithatha uDeolin Mekoa naye odlala endaweni efanayo.

Lokhu kwenza anciphe amathuba okuthi lo mdlali aphinde  abolekiswe kwi-Arrows yize izikhulu zebhola zilala ziphenduka.

Kuthintwa uThulani Thuswa wezokuxhumana kwiDowns ukuphawula ngalolu daba uthe: “Kuyiqiniso ukuthi uMahachi uyabuya ekilabhini ngoba ungowethu. Kumele aqale ukuzihlanganisa nekilabhu kuleli sonto. Kusazoba nomhlangano wabaqeqeshi mayelana nabadlali esinabo.”

 

 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 7-24°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...