IDowns ibambe umoya ngabadlali ababili abasemqoka

2017-04-18 18:03

Durban - IMamelodi Sundowns ikhathazekile ngoPercy Tau benoKhama Billiat ngaphambi komdlalo neSuperSport United womzuliswano wesibili kwi-Absa Premiership okusasa ngoLwesithathu ngo-19:30 eLucas Moripe Stadium, eTshwane.

UManqoba "TV" Mngqithi oyiphini likaPitso "Jingles" Mosimane ongumqeqeshi weSundowns, utshele ILANGA izolo ngoMsombuluko emni ukuthi banqume ukunika ikhefu ekuzivocavoceni uTau noBilliat ejimini yasekuseni kwazise bebekhala ngokudonseka imisipha. 

UTau usegijime imidlalo eminingi yale kilabhu ngaphandle kwekhefu kanti uBilliat ubuya ekulimaleni okumhlalise ngaphandle isikhathi eside. Laba badlali babambe elikhulu iqhaza le kilabhu ibukisa ngeSuperSport emzuliswano wokuqala kuba ngu-5-0 koweligi ngeledlule nangesikhathi ihlula iFree State Stars ngo-1-0 ngeSonto eJames Motlatsi Stadium, e-Orkney, eNorth West.

UMngqithi uthe: "Ziningi izinselelo esibhekene nazo ngalo mdlalo wethu neSuperSport. Eyokuqala ngeyokuthi abadlali bethu bazowuthatha kanjani njengoba besanda kuhlula le kilabhu ngenqwaba yamagoli. Nokho siyazama ukufaka emakhanda abo ukubhekana nalo mdlalo ngendlela ehlukile.

"Eyesibili ngeyokukhala ngezinhlungu kukaTau noBilliat abangajimanga nekilabhu ngoMsombuluko (izolo) bedonseka imisipha. Sinethemba lokuthi kuzoshaya usuku lomdlalo sebelumele ngokugcwele. Umdlali osekude ukubuya nguRicardo Nascimento."

OLUNYE UDABA: Amabombo abheke kwelaseSpain kumgadli osemncane weSuperSports United

Lo mqeqeshi uthi bajabule kakhulu ngokungena egiyeni kukaMotjeka Madisha oshaye igoli behlula iStars. Uthi lo mdlali ulibamba ngazo zombili ithuba alinikiwe njengoba kulimele izitobha ezimqoka zeDowns kubalwa noWayne Arendse.

URonwen Williams ongunozinti weSuperSport, uthi bafuna ukulungisa amaphutha abawenze emdlalweni odlule kowangoLwesithathu. Uthi bazigwaza ngowabo bengenelwa yigoli ngomzuzu wesihlanu umdlalo uqalile okuyinto athi beyiqala ukwenzeka.

"Umqeqeshi usihlelele umdlalo nenye yamakilabhu amancane sayibhudluza ngo-5-0 okubuyise ukuzethemba kithina ukuthi nathi siyakwazi ukuhlohla amagoli amaningi ezitheni," kusho lo nozinti obalwa nabayikusasa leqembu lesizwe likanobhutshuzwayo lakuleli, iBafana Bafana.

* Isiyonke imidlalo ye-Absa Premiership ehlelelwe ukugijinywa kusasa ngoLwesithathu imi ngalolu hlobo:-

ELucas Moripe Stadium: SuperSport United vs Mamelodi Sundowns 19:30 (SS4).

ECape Town Stadium: Cape Town City vs Bidvest Wits 19h30 (SS7).

E-Old Peter Mokaba: Polokwane City vs Platinum Stars 19:30.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-16°C Sunny. Cool. Pta: 7-22°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 4-20°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 3-19°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 15-23°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...