Idilozi phansi emcimbini kaZodwa Wabantu

2017-10-15 10:04

Durban - Ufuna bafike bangadilozile abesifazane emcimbini wokugubha usuku lwakhe lokuzalwa uZodwa Wabantu.

Lo mcimbi uzobe useMashamplani, okuyindawo yobumnandi eseChesterville eningizimu-ntshonalanga yeTheku, ngomhlaka-29 kwephezulu.

Ekhuluma neLANGA LangeSonto uZodwa uthi ukufika kwabo bengadilozile kuzokwenza usuku lwakhe lube luhle.

"Ngizobe ngigubha iminyaka engu-33 ngalolu suku. Ukungadilozi kwabo kuzobe kuyisipho esikhulu kimina futhi isifiso sami sizobe sifezekile.

OLUNYE UDABA:Uveze ezishaqisayo uZodwa Wabantu

"Abangathandi ukungadilozi abaphoqiwe kodwa kungabakuhle ukuba singazigqoki izikhindi zangaphansi ukuze usingaye ezojabula.

"Kuyuashisa manje, kumele sishayise imizimba yethu ngomoya ukuze singeke sijuluke.

"Ngiyathemba ukuthi ilanga lizobe likhiphe umkhovu etsheni ukuze o-girl bezoveza onanazo babo," kusho uZodwa ehleka.

Utshele leli phephandaba ukuthi ubumnandi buzobe bubuzwa kule ndawo njengoba ezobe enza ezibukwayo.

"Ngikhuluma nje emcimbini wami kuzobe kugcwele bonke osaziwayo ongabacabanga. Ngizobe ngiphusha ne-albhamu kaDJ Tira i-Summer 2017 Afrotainment ngoba kunengoma esihloko sithi "Bheja" engiyenza noDJ Cindo (kule albhamu)," kusho yena.

UBonga Shange ongumphathi wale ndawo yobumnandi ukuqinisekisile ukuthi uZodwa uzokwenza indumezulu yomcimbi kule ndawo.

Utshele ILANGA LangeSonto ukuthi uZodwa uzoyisimamisa indawo yakhe ngoba uthandwa ngabaningi.

"Ezokuphepha zizobe ziqinile njengoba kuzobe kukhona osaziwayo abaseqophelweni eliphezulu. Yize imali yokungena kungakacaci ukuthi kuzoba yimalini kodwa ngeke ibe ngaphezulu kuka-R100. 

"Abantu bengafika nama-cooler bag abo kodwa azokhokhelwa," kusho uShange.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...