IChiefs izama ukuboleka oweBafana, owayedlalela iPirates

2017-10-09 14:00

Durban - IKazier Chiefs ihlela ukuboleka umgadli weBafana Bafana ozinze e-Europe ngemizamo yokuqeda isomiso samagoli esihlasele ikilabhu yakwaMotaung.

ILANGA lihletshelwe yimithombo yalo engaphakathi kwiChiefs ukuthi le kilabhu ihlela ukuboleka uKermit Erasmus ogijima kwiRennes edlala kwiLeague1 eFrance.

U-Erasmus ushiye i-Orlando Pirates kumasizini ambalwa edlule wajoyina le kilabhu yaseFrance.

Nokho ufike wadonsa kanzima ukuthola isikimu njengoba egijime imidlalo eyishumi nakhona eqala ebhentshini. Akayishayelanga ngisho igoli elilodwa.

Maphakathi nesizini edlule iRennes imbolekise kwiLens egijima kwiLeageu2 wadlala imidlalo engu-12 walishayela igoli elilodwa nje vo.

Ubuyele kwiRennes. Selokhu kuqale isizini isikimu singabakwekazi kuyena njengoba umqeqeshi wezakhe, uChistian Gourcuff, edlalisa uNdombe Mubele waseDemocratic of Congo (DRC), oseshayele le kilabhu amagoli amathathu emidlalweni engu-8.

OLUNYE UDABA: Kushone umdlali engozini yemoto

ILANGA lithole ukuthi uBobby Motaung oyimenenja jikelele yeChiefs, uxhumane nabaphathi baka-Erasmus ngenhloso yokuba bakhulume nekilabhu yakhe ibaboleke yena uma sekuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali ngoJanuwari.

Kuthiwa isizathu esenza afune lo mdali ukuthi usezame wehluleka ukuthola umgadli.

Kuthiwa uMotaung uselinde impendulo kubaphathi balo mdlal. Kodwa futhi kuthiwa nesivumelwano sizoncika ekutheni iChiefs iyavuma yini ukumkhokhela u-R800 000 njalo ngenyanga engakabalwa amabhonasi.

Iphephandaba libuza uMotaung ngalolu daba uthe akukho azokusho ngoba bebesematasa neMafuce Cup kodwa wavuma ukuthi badinga umgadli.  

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...