I-PSL imjezise kanzima umdlali ogeve omunye ngamazinyo

2018-02-05 11:00

Durban - IPremier Soccer League ijezise kanzima umdlali weThongathi FC uPhilani "Wele" Gumede olume uMenzi Hlophe weRichards Bay FC emdlalweni wala makilabhu agijima kwiNational First Division obungenyanga edlule ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Kulo mdlalo uGumede ulwe noHlophe weBay FC wabuye wamluma okwenza bagixatshezwa ngamakhadi abomvu. Nokho uGumede usexolisile kuHlophe ngalesi sigameko, kubika iLANGA LangeSonto.

Yize kunjalo, uGumede ubuye wabizelwa ekomidini lezigwegwe le-PSL ngoba uvela kwi-video eqoshwe ngumsizi kanondweba elwa.

OLUNYE UDABA: Umdlali webhola ushaywe yizulu washonela enkundleni

I-PSL imhlawulise imidlalo eyisithupha engadlali, emibili yayo ilengiswe izinyanga ezingu-12 engatholakali necala elifanayo.

Usezohlala imidlalo emibili kwazise eyesibalo esifanayo ubesevele eyidonsile njengoba athola ikhadi elibomvu.

UThongathi luhlawuliswe u-R50 000 ngalesi sigameko. Kumele lukhokhe ingxenye yale mali njengoba u-R25 000 ulengisiwe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...