I-PSL ijezise kanzima ikilabhu kaMpisane

2016-12-01 19:34

Durban - IRoyal Eagles ebalwa namakilabhu anethuba lokudla ubhedu kwiNational First Division (NFD) inqunyelwe ukukhokha u-R500 000 kumdlali emxoshe esanenkontileka.

Lesi sinqumo sithathwe yiDispute Resolution Chamber (DRC) yePremier Soccer League (PSL) ngemuva kokuthi uDominic "Domza" Isaacs evulele le kilabhu yakwaMpisane icala, kubika ILANGA.

Lesi sitobha besikhala ngokuthi saxoshwa ekubeni sisasalelwe wunyaka kwinkontileka yaso ne-Eagles. Kuthiwa i-Eagles ike yazama ukuncena uDominic ukuba amukele umholo wenyanga kodwa wenqaba.

Kuleli cala ubesizwa yiSouth  African Football Players Union (Safpu), ewe ivuka naye. Ngokusho kukaMengameli wesikhashana weSafpu, uTebogo Monyai, izindaba zokunqoba kuka-Isaacs icala zehle okoju lwezinyosi kubona.

OLUNYE UDABA: I-PSL isichithile isicelo seMamelodi Sundowns

"Ebesikulwela kakhulu wukuthi umdlali anikwe isinxephezelo kwazise kwephulwe isivumelwano. Ngabe siyezwa uma kuthiwa kukhona lapho bemthole khona enecala kodwa bavele banquma ukumxosha esanenkontileka. Kuzomele amakilabhu afunde ngalokhu. Abadlali kakumele baxhashazwe," kusho uMonyai.

Ngokuthola kwaleli phephandaba i-Eagles ifuna ukusidlulisa isinqumo. Njengamanje u-Isaacs, 34, wodumo lokuyibamba kwi-Ajax Cape Town, Kaizer Chiefs nakwiBloemfontein Celtic, usemabhukwini eSantos yangakubo eCape Town.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...