I-Orlando Pirates isazoqhubeka nokulandelwa amashwa, kusho uSam Meyiwa

2017-05-11 11:04

Durban - Isazoqhubeka nokuboza, ilandelwe ngamashwa, i-Orlando Pirates. Lawa ngamazwi kaSam Meyiwa othi lokhu kuzoqhubeka nokwenzeka ngoba indodana yakhe, uSenzo Meyiwa kayikutholile ukuphumula selokhu idutshulwe yabulawa kubo kwesinqandamathe sayo, uKelly Khumalo eVosloorus ngoMfumfu ngo-2014.

Usho lokhu izolo engxoxweni neLANGA emuva kokuba umphenyi ozimele, uRick Crouch weRick Crouch & Associates, eveze ukuthi icala lokubulawa kukaSenzo obengunozinti wePirates neqembu lesizwe laseNingizimu Afrika, iBafana Bafana, selifike kwangqingetshe.

UMnu Meyiwa uthi akakwazi ngisho ukwenzela indodana yakhe umsebenzi njengoba izimali abethenjiswe zona yiPirates, namanje akakazitholi.

"Ngeke amashwa angabalandeli ngoba kwandodana yami idiniwe lapho ikhona njengoba ingakwazi ukuhlangana nomndeni wayo, isalinde ukuthi ihlanganiswe nawo ngokwenzelwa umsebenzi," kusho uMnu Meyiwa.

UMnu Meyiwa uthi akakhathali noma kungenzekani kodwa uyolwa kuze kufike ekugcineni ngendodana yakhe. Uthi nalabo abakhokhelwa ukuze kugqitshwe ubufakazi, kuyohamba baze baphelelwe yizimali zokuvala abaphenyi ligcine livelile iqiniso.

UCrouch uthi sekuphele iminyaka emibili nohhafu uSenzo edlulile emhlabeni kodwa amaphoyisa kakukho olusha alutholayo olungaholela ekuboshweni kwababulali.

Uthi ecaleni lokubulala elifuze elikaSenzo, abaphenyi banikezwa amahora angama-48 ukuba baqoqe bonke ubufakazi obungaholela ekutheni kuboshwe abasolwa.

"Ihora nehora elidlulayo kungekho mkhondo omusha olandelwayo, kwenza kube nzima ukuba kugcine kube khona oboshwayo. Ecaleni likaSenzo sesingasho sithi selifinyelele kwangqingetshe njengoba sekudlule amahora ayizi-22000 kungaboshwa muntu.

"Uma ufunda isitatimende esenziwe ngumkhuzi wamaphoyisa obambile, uLieutenant-General Khomotso Phahlane, etshela iphalamende, uthe kungenzeka ukuthi kukhona okunyathelwayo kuleli cala okuyikho okwenza kuthathe isikhathi eside kangaka ukuthi kuboshwe abasolwa," kusho uCrouch.

UCrouch uthi inkinga ngaleli cala ngokubona kwakhe, loniwe kwasekuqaleni kwazise indawo yesigameko ingazange ihenqwe njengoba kuyaye kwenziwa kwamanye amacala abucayi.

OLUNYE UDABA:Ubaba kaSenzo Meyiwa uthi akazi lutho ‘ngokuboshwa komsolwa’

Lapho kushonele khona uMeyiwa, abantu bebengena bephuma, okwenze ukuthi bucisheke ubufakazi. Abaphenyi abebesendaweni yesigameko kabazange babathathe omakhalekhukhwini ababili baMnu Mthokozisi Twala obekhona endlini kwenzeka lokhu.

Akukho nsizi yesibhamu ehlolile kubantu abebekhona endlini. Sesikhalela umndeni ozogcina ungazanga ukuthi ngempela ngempela yini eyenzekile.

Amaphoyisa ngeke esakwazi ukubopha laba bantu ngaphandle uma esengaqasha abaphenyi ababheka amacala asefinyelele kwangqingetshe. Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uMajor General Sally De Beer, uthi kungamanga ukuthi leli cala selifinyelele kwangqingetshe.

"Icala liphenywa wuphiko lwabaphenyi abaphezulu, uma sebukhona ubufakazi obuphathekayo sizowazisa umndeni ngokuqhubekayo," kusho uMajor General De Beer.
UBrigadier Hangwani Malaudzi okhulumela oKlebe - kwazise nabo sebeke bathinteka ekuphenyweni kwaleli cala - akatholakanga ukuphawula ngalolu daba njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More clouds than sun. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...