I-Eagles ixoshe abadlali bodumo kwi-PSL

2017-07-05 11:02

Durban - Ixoshe abadlali iRoyal Eagles esezinhlelweni zokulwela ukunyukelwa kwi-Absa Premiership ngokuphela kwesizini ezokwethwasa njengoba izikhulu zayo zifisa kube ngeyokugcina le kilabhu igijima ku-NFD.

ILANGA lithole ukuthi le kilabhu yakwaMpisane ifake umgxala uKatlego "Killer" Mphela ozakhele udumo egijima kwiKaizer Chiefs nakuBafana Bafana ngokwahlukana, uJabulani "Macokama" Nene wodumo lweLamontville Golden Arrows, uPhumelele "Ace" Bhengu osedlalele amakilabhu amaningi, uCarlington Nyadombo owachithwa ngamaZulu FC, uCebo Masina, u-Enver Wiltner kanti akucaci ngekusasa likaRaymond Monama.

Leli phephndaba lihabule ukuthi le kilabhu iqede konke nonozinti uBafana "Smash" Nhlapo obevimba kwiWitbank Spurs ngesizini eyedlule.

OLUNYE UDABA: I-PSL ijezise kanzima ikilabhu kaMpisane

Lo mdlali uke wavimba kwiMpumalanga Black Aces kumasizini ambalwa edlule ingakathengwa nguJohn Comitis oyiqambe eleCape Town City.

Kuthintwa uMzikayise James Dlamini oyimenenja jikelele yale kilabhu, uthe: "Ngicela ukucacisa ukuthi laba badlali kasibaxoshanga kodwa sibakhululile njengoba bebephelelwa yizinkontileka. Siphinde saqasha uBrandon Truter obekwiMilano ozokuba yiphini likamqeqeshi wethu u-Allan Freese."

UDlamini ebuzwa ngendaba kaZipho Dlangalala ogcine ukusebenza kwi-Orlando Pirates epheka iqembu eligijima kwiMultiChoice Diski Challenge ngesizini edlule, okumanje umataniswa ne-Eagles, uthe akukho okubambekayo okuthinta uDlangalala nekilabhu.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-19°C Sunny. Mild. Bloem: -5-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Sunny. Cool. PE: 10-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...