I-Chiefs ishovewa ehlathini engalazi

2017-03-19 16:00

Durban - Ishovelwa elokishini iKaizer Chiefs ukudidwa ngezinduku engazazi ngenhloso yokuba iwashe ijezi kwiNedbank Cup elangazelelwe nguSteve "Mphathi" Komphela ongumqeqeshi wayo ukujabulisa izikhulu zale kilabhu.

ILANGA LangeSonto lithole ukuthi i-Acornbush United yaseMpumalanga icele iPremier Soccer League (PSL) ukuvuma ukuyisa umdlalo wayo neChiefs weLast 16 kwiNedbank Cup Kabokweni Stadium hhayi eMbombela Stadium njengoba abaningi belindele.

Umthombo uthi inhloso ye-Acornbush ukuhambisa lo mdlalo Kabokweni, yingoba bafuna iChiefs ithwale kanzima njengoba ingakaze igijime kuyona ekubeni yona idlala khona njalo. Yikule nkundla lapho i-Acornbush iguqisele khona iCape Town City ngo-1-0 kwiLast 32 yalo mqhudelwano.

OLUNYE UDABA: Unethemba lokuvika izembe ngemuva kokubamba iChiefs

ICity kayigayelwa mphako kwi-Absa Premiership okufakazelwa nawukuba yizingqwele ze-Telkom Knockout.

Lezi zindaba ziqinisekiswe nguMcDonald Makhubedu ongumqeqeshi we-Acornbush esiyizingqwele zale sizini ze-South African Football Association (Safa) Mpumalanga ABC Motsepe League.

Uthi ukuhamba ibanga elide kulo mqhudelwano kuzobacija kahle ngaphambi kokuya kweyokuhlungela ukunyukela kwiNational First Division (NFD).

UMakhubedu uthe: "Besivele sikulindele ukuthi kungenzeka siqhathwe nekilabhu enkulu. Okuhle ngalo mdlalo wukuthi abadlali kabadingi ukugqugquzelwa kwazise iChiefs yikilabhu enkulu kabi futhi ehlonishwa kakhulu. Sinethemba lokuthi icebo lethu lokuhambisa lo mdlalo elokishini lizosisebenzela siwunqobe.

"Sifuna konke kuvune thina ngosuku lwalo mdlalo kusuka enkundleni yethu, abalandeli bethu abafika ngobuningi, wulwazi olunzulu esinalo ngabadlali beChiefs ekubeni thina sifana nencwadi evaliwe kubona. Ngifuna nokuziqophela umlando wokuba ngomunye wabaqeqeshi abakhipha iChiefs kulo mqhudelwano bebe becija esigabeni sama-amesha."

Phambilini iChiefs iwashiswe ijezi kulo mqhudelwano yi-Baroka FC isagijima kwiMotsepe League ekubeni seyake yakhishwa nayi-University of Pretoria isadlala kwiNFD ngaphambi kokunyuselwa kwiPremiership njengoba seyiphindele ehlathini.

Esinye isikhulu sePSL kodwa esicele ukuba singadalulwa, sigcizelele ukuthi nakanjani lo mdlalo uzogijinyelwa Kabokweni.

"Imidlalo yeWits neChiefs idlalelwa enkundleni encane, iBidvest Stadium.

Pho yini engadala ukuthi i-Acornbush iphucwe ithuba lokudlalela phambi kwabalandeli bayo? Nalo mdlalo kumele ugijinyelwe khona Kabokweni," kusho lesi sikhulu esigcizelele ukuba ligodlwe igama laso.

I-PSL kulindeleke ukuba ngokuqala kwesonto imemezele izinkundla lapho kuzogijinywa khona le midlalo yesigaba sikaLast 16.

Amakilabhu aqhathwe kanje, esekuqaleni idlalela ekhaya:- Chippa United vs Polokwane City; KwaDukuza United vs SuperSport United; Bloemfontein Celtic vs Mbombela United; Free State Stars vs Orlando Pirates; Jomo Cosmos vs Bidvest Wits; Baroka FC vs Platinum Stars; Mamelodi Sundowns vs Golden Arrows; Acornbush United vs Kaizer Chiefs.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Morning clouds. Cool. Pta: 7-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 16-19°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...