I-Ajax yeshela obeqeqesha iBafana

2017-12-03 16:05

Durban - I-Ajax Cape Town yeshela umqeqeshi obecija iBafana Bafana ngenhloso yokuthi azotakula umkhumbi wayo obukeka ucwila.

ILANGA LangeSonto lithole ngemithombo yalo ukuthi i-Ajax ifuna uthuli u-Owena da Gama oke walolonga iBafana eyibamba, okumanje ucija iHighlans Park egijima kuNational First Division.

I-Ajax idonsa kanzima ngaphansi kobuholi bukaStanely Menzo odabuka eNetherlands. Isendaweni yesithathu uma usuka emsileni welog.

Leli phephandaba lithole ukuthi izikhulu zale kilabhu zeshela uDa Gama ukuze azoyiztakula. 

OLUNYE UDABA: UDa Gama nesicelo kwiSafa ngeBafana

Zifuna uDa Gama nje, yingoba selokhu efike kwiHighlands useyenze yaba nesithunzi njengoba ishaya kwasani. Leli phephandaba lishayela uDa Gama ngalolu daba, uthe akaziboni eshiya iHighlands.

"Nakuba ekhona emakilabhu angifunayo kodwa angiziboni ngishiya iHighlands njengamanje. Lo msebenzi engiwuqalile kufanele ngiwuqede.

"Into engiyizele lana wukuzobuyisela le kilabhu kwiPremiership ngakho-ke ngeke ngikwazi ukuyilaxaza. Ngisuka kude nabaphathi beHighlands ngezikhathi zeSilver Stars ukuthi ngingazobalaxaza kalula nje," kusho uDa Gama.  

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...