Ezimnandi kumqeqeshi wamaZulu FC

2017-11-21 11:00

Durban - Ezimnandi kumqeqeshi wamaZulu FC njengoba ezakhe zizoya emdlalweni we-Absa Premiership neKaizer Chiefs ngoLwesithathu ngo-19:30 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi, sekubuye abadlali bakhe abamqoka abebelimele.

Lokhu kuvele ngesikhathi ILANGA linengxoxo noCavin Johnson ocija le kilabhu ephethwe nguDkt Patrick Sokhela.

UJohnson uthi kungenzneka agijime lo mdlalo ngo-Ovidy Karuru, u-Augustine Ramphele noSadate Ouro Akoriko waseTogo abebenokuthinteka kodwa asebeluleme.

Uthi uTapelo Nyongo usazohlala ngaphandle ngoba akakalulami. 'Ngisizakele kakhulu ngekhefu esibe nalo ngoba ngikwazile ukuhlanganisa abafana ngendlela engiyifunayo. Sibe nemidlalo eminingi yobungani esisize ukuzigcina sisesimweni esihle.

"Ngesikhathi sidlala ngokulingana neBaroka FC sidlale ngendlela ehlelekile. Yingakho nakoweChiefs kumele sibalole abadlali ngokuhlasela ngendlela ehlukile.

OLUNYE UDABA: USuthu lubhaxabule iSundowns ekhaya

"Ngeke ngiqambe amanga unzima umdlalo wethu neChiefs kodwa engikwaziyo uyefana neminye imidlalo. Abadlali nginesiqiniseko sokuthi bazofela ensimini. Sizokhombisa into yamehlo.

"Sizowalungisa wonke amaphutha esiwenze ngesikhathi sibhekene nayo iChiefs koweTelkom Knockout. Okumqoka kakhulu engikutshele abadlali wukuqedelela umsebenzi phambili uma sebakhe amathuba," kusho uJohnson.

UJoseph Molangoane odlala emuva kwiChiefs uthi bazimisele ngokubuyisa isithunzi sabo ngamaZulu.

"Okwenzeke emdlalweni weTelkom lapho sikhishwe khona yiBidvest Wits sesidlulile kukhona sesibheke lo mdlalo woSuthu. Kona kusiphathe kabi kodwa impilo kufanele iqhubeke.

"Kulo mdlalo kuzofanele sikuqinisekise ukuthi siyawunqoba ukuze sibuyise isithunzi sethu," kuphetha uMolangoane.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...