ElikaSfiso Ncwane liphakanyiselwe eyama-Crown Awards

2017-10-22 11:22

eThekwini - Angase ewine engasekho emhlabeni lowo owayengumculi wowokholo uSfiso Ncwane kowe-SABC Crown Gospel Awards njengoba eqokwe kabili.

UNcwane udlule emhlabeni ngokukhulu ukuzuma ngomhlaka 5 kuZibandlela ngonyaka odlule.

Lo mculi uqokelwe indondo yeGospel Artist of the Decade kanye nowe-Song of the Decade ngenoni lakhe elithi, Kulungile Baba.

OLUNYE UDABA:UKhaya Mthethwa uphoxe izinkakha zomculo wokholo

Phambili uNcwane uke wawaduba lawa ma-awards ngenxa yokungawini kodwa uhambe emhlabeni esebuyelile kuwo futhi ngonyaka odlule yena nomkakhe babwathameli yize engazange awine lutho.

Ama-Crown Awards azoba ngomhlaka 26 Novemba e-ICC eThekwini.

Kuhlelwe uhide lwemicimbi yokuwandlalela kanti umnikazi wawo uZanele Mbokazi uthi lo mcimbi usuzakhele udumo ngokuvundulula abaculi abangaziwa okubalwa kubo uThina Zungu, Batusile, uDr Tumi nabanye.

Amathikithi aseyadayiswa eComputicket kanti azoqala ku-R480, kubika iLANGA.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...