Beziwushaya kosaziwayo baKwaZulu-Natal

2017-12-03 12:02

Durban - Beziwushaya kosaziwayo baKwaZulu-Natal okuwumlingisi uXoli Zondi, kanti omunye usaziwayo ebeziwushaya kuye nguKhaya Mthethwa.

UXoli ubebopha ifindo likasofasilahlane noPhiwo Zamisa ongadumile. Ngokuthola kweLANGA LangeSonto, umshado wabo ubungoLwesihlanu.

Emshadweni kaXoli, kubikwa ukuthi bekukhona nomsakazi woKhozi FM uSthandwa Gama naye osanda kushada.

UXoli ongowaseHammersdale, entshonalanga yeTheku, udume ngesikhathi elingisa emdlalweni wamahlaya kumabonakude iFamily Bonds, waphinde futhi walingisa kwiGenerations, iGreed and Desire nakwi-Easy Money.

A post shared by Xoli Zondi (@xolizondi) on

Ngakolunye uhlangothi uKhaya ongumculi wowokholo, umethuli wezinhlelo zikamabonakude futhi ungumsakazi weMetro FM, yena ushadelwe nguzime uNtando Kunene.

Umshado wabo kubikwa ukuthi ubusePiet Retief, eMpumalanga. UKhaya uke wasolwa ngokuqhatha abangani uNomzamo Mbatha noJessica Nkosi bobabili abalingisa kwiSibaya.

Ngaleso sikhathi kusabalale amahlebezi athi ubethandana noNomzamo kodwa eceleni exhumana noJessica.

?? Sthandwa Sami Thank you! What an amazing day 2 Dec 2017 #Mr&mrsImportant

A post shared by Khaya Mthethwa ???? (@khayamthethwa) on

Nembongi yodumo elingisa kwiSibaya uSbo Da Poet Mbutho ibiyokwembesa ekhweni kwaThando Maseko, eDumbe. Ubephelezelwa uZakhele Mabasa olingisa indawo kaSikhaleni kulo mdlalo kamabonakude.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...