Bekudlisa umculo kwethulwa incwadi engeSoul Brothers

2017-10-02 17:59

Durban - Lethulwe ngokusemthethweni ibhuku elingomlando weqembu lomculo wombhaqanga, iSoul Brothers ekhonsathini layo ebeliseMbizo, eMpangeni, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal ngoMgqibelo ebusuku.

Leli bhuku elisihloko sithi The life and Times Soul Brothers lilontshwe lahlanganiswa  nguSydney Fetsie Maluleke lahlelwa nguMax Mojapelo kanti liwumqondo womphathi waleli qembu, uMoses "Black Moses" Ngwenya.

UMaluleke unikwe ithuba lokwethula le ncwadi wayibeka ezandleni zikaMoses kubuka izihlwele ebezigcwele ihholo zithokoziswa ngomculo.

OLUNYE UDABA:Ukhiphe unqambothi oweSoul Brothers

UMaluleke uthe umculo waleli qembu ukhule ewulalela ngoba uyise ubewuthanda futhi ehamba naye uma leli qembu linamakhonsathi.

"Ngibe nothando lokuloba ngaleli qembu engilithandayo. Ngiyaziqhenya ngokuba yingxenye yomlando weSoul Brothers," kusho uMaluleke.

Ube esehasha izibongo zeSoul Brothers elingisa umsakazi woKhozi FM, uCyril Bongani Mchunu, owabe elibiza ngemitshotshovu yoqobo ngoqobo, ogandaganda baseNingizimu Afrika.

Kule khonsathi laseMpangeni, iSoul Brothers ibivimbezele ngezingoma ezintsha nezindala abantu beziculela abazithandayo.

Ingoma ethi Mama kaSibongile yiyona ebasanganise kakhulu abalandeli baleli qembu.

Iqembu lomculo weGospel, i-PD Family Gospel Wagon, linikwe ithuba ithuba lanandisa lashaya into ecokeme. Ikhonsathi liphele ngezintatha zayizolo.

Kusahamba phambili uThokozani Hadebe. Ziningi izinsizwa zeSoul Brothers esezalendulela leli elimagada ahlabayo kubalwa nomholi walo uDavod "Mdavu" Masondo.

 - ILANGA

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 16-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 19-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...