Bazoyikha ngamafosholo kwekaSangweni

2017-05-18 14:07

Durban - Izokhiwa ngamafosholo imali kwiSiyabonga Sangweni Tournament and Youth Celebration, kubika iLANGA.

Lo mcimbi uqala mhla zingu-23 kuze kube wumhlaka- 25 kuJuni eDondotha Sports Ground kwesikaMthethwa, eMpangeni.

Miningi imidlalo ezokuba yingxenye yalo mqhudelwano.

Nokho imiklomelo esidaluliwe ngekanobhutshuzwayo. Ikilabhu ezonqoba izohamba no-R20 000, inkomishi, ijezi nezindondo zegolide.

Ikilabhu ehluliwe kowamanqamu izothola umthobanhliziyo ka-R10 000, ijezi, kanye nezindondo zesiliva.

Ezolala isithathu yona izothola u-R7 00 kuthi eyesine yona ithole u-R5 000.

OLUNYE UDABA:Uphele kabi umcimbi wakwaQubuka, eMtuba sekudutshulwana

Kuzokuba nohlelo lokuhlomulisa abafundi ngemikhakha yezemfundo abangayithatha ezikhungweni zemfundo ephakeme. 

NgoMgqibelo, kuzokuba nohlelo lwezemfashini nomcimbi wobumnandi ozobe uhanjelwe abaculi abahlukene.

USmanga Mgenge oyiMeya yaseMfolozi, eyingxenye enkulu yalo mqhudelwano, uthi ngeke bamenywe abaculi abaklwebhanayo.

Uthi bahlela ukumema abaculi bakaMaskandi abahlukene kodwa kulo nyaka ngeke babizwe nhlobo labo abanabalandeli ababuye basuse uthuthuva emicimbini.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-28°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-27°C Heavy rain. Breaks of sun late. Warm. PE: 14-19°C Passing showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...