Bazotholelwa udokotela abadlali beSuperSport United

2017-11-27 18:00

Durban - Bazolulekwa ngudokotela wengqondo abadlali beSuperSport United njengoba kuvela ukuthi bashayekile ezingqondweni kwazise kuthiwa bese bewabalile amabhonasi aconsisa amathe abebethenjiswe wona ukunqoba iCaf Confederation Cup ethathwe yi-TP Mazembe yase-DRC.

Umdlalo womlenze wesibili wala makilabhu wamanqamu weCaf Confed Cup uphele ngo-0-0 ngoMgqibelo ebusuku eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.

IMazembe inqobe lesi sicoco kwazise inqobe ngo-2-1 emlenzeni wokuqala obuse-DRC ngeledlule.

ILANGA lithole ukuthi iSuperSport ihlela ukutholela abadlali bayo udokotela ozobaluleka ngokomqondo ngenxa yokuthi bashayekile emiqondweni.

OLUNYE UDABA: Sake sayishaya iMazembe, ngakho singayiphinda - Tinkler

Kubikwa ukuthi abanye balaba badlali bese bebalile izinto abazozenza ngamabhonasi abebethenjiswe wona. Kuthiwa ngaphandle kwalokho, ifuna baye emidlalweni yeligi sebelaphekile ukuze bangaphazamiseki njengoba le kilabhu isele ngemidlalo.

Laba badlali bese bebalile nje, yingoba iSuperSport yiyo ebithishwa ukukhala yemuke nesicoco njengoba ibishaye igoli ekuhambeni. Ibibona izowunqoba kalula lo mdlalo njengoba ibidinga igoli nje kuphela ukuba yizingqwele.

U-Eric Tinkler ongumqeqeshi wale kilabhu ebuzwa ngalokhu, uthe nakuba ebengakatshelwa ngalo kodwa uthi ukubona kungaba wumqondo omuhle ukuthi abadlali bathole ukwelulekwa.

Thola udaba oluphelele kwiLANGA lanamuhla.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

IPirates iqede isinyama

2017-11-28 12:32
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...