Bazobhema bakholwe abathandi beChiefs

2017-02-16 14:01

Durban - Bazobhema bakholwe abalandeli beKaizer Chiefs emdlalweni neHighlands Park we-Absa Premiership ozokuba ngoMgqibelo ngo-18:00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UBernard Parker ongumgadli weziMpofana, uthi abathandi bale kilabhu kumele baphume ngezinkani ukuzobuka le kilabhu icoboshisa iHighlands ngesitayela sezinga eliphezulu.

Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu ngabalandeli beChiefs kwazise le kilabhu ziyihambela kahle izinto kulezi zinsuku, kubika iLANGA.

Isinqobe imidlalo eyisihlanu ilandelana okwenze yabuyelwa nayithemba ngesicoco seligi. Kulindeleke ukuba lizamazame iTheku ngale mpelasonto njengoba abalandeli bale kilabhu bezosuka kuwona wonke amakhona eNingizimu Afrika bezobuka le kilabhu.

UParker uthi abalandeli babo bazophinda baphume bejabule kulo mdlalo kwazise nangeledlule bathathe amaphuzu amathathu kwiMaritzburg United eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.

"Ngeledlule besiKwaZulu-Natal, sashiya kukhalwa eMgungundlovu emuva kokuba bese kuphele iminyaka eminingi sihluleka wukuhlula iTeam of Choice (isekhaya). Nakulo mdlalo sizokwenza okufanayo, sizoyishaya inabe iHighlands.

OLUNYE UDABA:IKaizer Chiefs icathamela umgadli we-Orlando Pirates

Njengoba umdlalo wethu ulethwe eThekwini nje ngijabule kabi ngoba abalandeli bethu baseseka kakhulu uma silapho futhi kangingabazi ukuthi bazophuma ngobuningi babo," kusho uParker.

Uqhube ngokwexwayisa abalandeli ngokuthi udlame kalusona isixazululo nxa kukhona abangeneme ngakho.

Ngeledlule abalandeli bePirates bavuke indlobane ezabo zinatshiswa yiMamelodi Sundowns ngo-6-0 okwenze kwamiswa umdlalo ihora lonke isimo sishubile.

"Engikucelayo nje wukuthi uma kukhona abangakuboni kahle bangasebenzisi udlame. Kodwa-ke ngiyathembisa ukuthi ngeke sibaphoxe. Esikucelayo nje wukuthi beze ngobuningi babo bazobona ibhola eliseqophelweni eliphezulu," kusho uParker.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...