Bayihleka insinini ekaNgizwe ezibiza ngenkosi yabasakazi

2016-12-15 09:04

Durban - Kusuke omkhulu umsindo ngesikhathi umsakazi woKhozi uNgizwenkosi Mchunu ezibiza ngenkosi yabasakazi.

Lo msakazi useze wakhipha nezimpahla ezibhalwe ukuthi Ngizwe Mchunu iNkosi yabasakazi, akagcinanga ngokwenza izimpahla kuphela kodwa lokhu ukumemezela nasemicimbini eyahlukahlukene ayihambelayo.

Uze wabizelwa eshashalazini ohlelweni lukaNonhlanhla "Mroza" Buthelezi ukuba azochaza kabanzi ngalesi siqubulo sakhe esisha.

Abalandeli bomculo wesintu nabo bahlukene phakathi ngalokhu ngoba abaningi baphakamisa uKhathide Tshatugodo Ngobe bethi uvundulule inqwaba yabaculi kanti abanye bahambisana naye uNgizwe.

OLUNYE UDABA:Asikho semthethweni isithembu somsakazi woKhozi

Ethintwa ngalolu daba uvele wahleka wathi izwe lonke liyavuma ngenxa yamagalelo akhe kwezokusakaza, kubika iLANGA.

Uthi akekho umsakazi owake wamenywa phesheya ngesikhathi kugcotshwa umengameli waseMelika uBarack Obama ngaphandle kwakhe.

"Akekho umsakazi onamakhosikazi amaningi ukudlula mina, lokhu ngikusho nje kuyasho ukuthi bonke bakhothama kimi kanti-ke okwezimpahla lezi engizigqokayo zafika nabalaleli abathi mangizigqoke ngoba ngiyinkosi,"kusho yena.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...