Bayaxolisa oMaskandi ngokufa kwabantu emcimbini

2017-05-05 12:33

Durban - Bazwakalise ukuxolisa nokuzwelana nemindeni elahlekelwe ngamalungu ayo ngaphansi kwegama labo abaculi bakamaskandi okudubulane abalandeli babo eCurries Fountain, eThekwini ngoMgqibelo owedlule emcimbini obizwa ngeNqokotho Maskandi Festival.

UVusi Leeuw, ophethe uMthandeni ‘iGcokama Elisha’Manqele, uthi inhloso yomculo wukwakha nokuhlanganisa abantu ukuze bajabule hhayi ukulimazana, kubika ILANGA.

Uthi bazwelana kakhulu nemindeni elahlekelwe futhi basezinhlelweni zokuthi kube nezingxoxo ezisheshayo nabaculi abathintekayo emuva kokuba kulimale abantu.

“Sithi kalwehlanga lungehlanga emindenini. Sidlulisa ukuxolisa kakhulu kwabathintekile, bekungeyona inhloso futhi noMthandeni akathokozile nese ngokuphuma kwesiphefumulo yabantu.

Siyanxusa ukuba kungabi khona ukubuyisela okubi ngokubi ukuze kuqhanyukwe nesixazululo nenqubekela phambili,” kusho uLeeuw.

UKhuzani ‘iNdlamlenze’ Mpungose, uzwakalisa ukudumala kakhulu ngokwenzekile wathi akathandi ukuba kuphinde kwenzeke.

Utshele ILANGA ukuthi egameni labo bengabaculi, uyaxolisa.

OLUNYE UDABA: Kuphenywa izinsolo zokuthi oKlebe bathiphisa umfundisi waseNigeria

“Njengamanje abaculi abangangifuni baphume umkhankaso wokuxhumana nomhleli womcimbi ukuze wonke amaphutha abekwe mina ngezinto engingazazi.

“Umhleli womcimbi ubevele ezongibhulisa amazolo nje ubekuhlelile lokho ngoba bezama ukuhudulela phansi igama lami. Ngithi kukhona konke abakushoyo, uNkulunkulu uzongiphendulela ngoba bonke abantu ebebekhona emcimbini bayalazi iqiniso ukuthi udlame lususwe ngabalandeli bakabani, kwasona isandisamsindo (sound system) sicishwe nguyena umhleli womcimbi ngesikhathi ngicula, wathi mangihambe ngoba uyoneka umcimbi.

Yingakho engangibizanga noma ebona ukuthi abantu basafuna ngibuyele esiteji kwazise ngiphazamisekile,” kusho uKhuzani.

Uthi lento yokungcofana kayiqalwanga nguyena futhi uzimisele ngokuthi iphele ukuze kube nokuthula emculweni.

Umhleli walo mcimbi uCharles Dlamini, uthi kakusilona iqiniso ukuthi yena ubehlangene nabanye abaculi kuzanywa ukucindezela omunye.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...