Baxakwe wukuphapha kwesitabane sifelwe, besishaya ivosho emngcwabeni

2017-03-13 11:02

Durban - Baxakwe wukuphapha kwesitabane sibe sishonelwe yisithandwa saso abantu baseNanda, enyakatho yeTheku abebesenkonzweni yomngcwabo kaMnu Boyise Gumede obeyisoka likaMnu Thobajobe Sithole ozakhele udumo ngesikhathi eshada umshado wesintu noMnu Tshepo Modisane ngowezi-2013.

UThoba - njengoba edume kanjalo uMnu Sithole - ohlukanise noMnu Modisane emuva kwezinxushunxushu, ube esethola uMnu Boysie Gumede obefihlwa ngoMgqibelo emuva kokudlula emhlabeni ngenxa yomdlavuza wesibindi. UMnu Gumede ubehlala naye uThoba eflethini eliseGoli.

Owesifazane obehambele lo mngcwabo - ocele lingavezwa igama lakhe - uthe umuntu oshonelwe uyahlala azothe.

OLUNYE UDABA: Zihlukanisile izitabane zodumo lomshado wesintu

"Lokhu-ke okwenziwe yilo mfana kuyasimangalisa, kasikaze sikubone. Ukuqhuma phezulu ucule nabantu abazokududuza kuyaxaka. Lo mfana njengoba ubemqomile uBoysie, bekungafanele aphaphe kanjena, acule aze avoshoke phansi kube kuzoduduzwa yena," kusho lona wesifazane.

Udadewabo kuMnu Gumede, uNkz Pretty Gumede, ekhuluma utshele abantu ukuthi bona njengomndeni bebeyamukele impilo ebiphilwa ngumfowabo, kubika ILANGA.

"UBoysie ubeziqhenya ngayikho futhi emhlonipha uNkulunkulu. Yize abantu bezitshela ukuthi ukuthandana nobulili obufana nobakho kuyisono, yena ngingathi ubeyisoni esimthandayo uNkulunkulu," kusho uNkz Gumede.

UMfu Zenzi Zungu weVictory Ministries lapho uMnu Gumede abekhonza khona, uthe kuyihaba ukuthi abantu bathi akazange azothe uThoba.

"Okunye abantu okumele bakuqonde wukuthi laphaya bekusenkonzweni yokuvaleliswa nokugubha impilo yaleli qhawe. UThoba ubengagxumi yedwa, bonke abazalwane nomndeni wakhe bebesukuma. Enkonzweni kuba njalo, kuyajatshulwa," kusho uMfu Zungu.

Kwenzeka konke nje lokhu, ngoLwesihlanu uThoba ukhulume neLANGA edinda isililo ngokulahlekelwa yisinqandamathe sakhe. Kuzokhumbuleka ukuthi ifindo lomshado kaThoba noTshepo, ligqashuke ngonyaka olandelayo. Kube nemibiko ethi uThoba ugqimuze uTshepo ngequpha mhla zingama-27 kuNdasa (March) wezi-2014, endlini yabo kanokusho eBuccleuch, eGoli.

Esitatimendeni sikaTshepo sangowezi-2014, uthe ushaywe emlonyeni nguThoba nasezimbanjeni. Uze walanyulelwa ngomakhelwane eBuccleuch, eGoli. Uye emaphoyiseni wayovula icala kanti uthi ubengaqali ukuthelwa ngequpha.

Kwenzekile nangoNhlolanja (February) wezi-2013, ngoNhlangulana (June) kuya kuNtulikazi (July) wezi-2013. Uthi umshaye waze wamubhangqa nodonga. Uze wamfunela incwadi yesivimbezelo.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...