Bathukuthele ngokungafiki kweGcokama emngcwabeni

2017-03-12 11:30

Durban – Kube wumzukuzuku ukuphuma kwezidumbu emzini wakwaLanga eGubazi, eNquthu, enyakatho yeKwaZulu-Natal, ngenxa yokudinwa komndeni oshonelwe.

Kuthiwa lo mndeni ubufuna umndeni kaMthandeni ‘Gcokama Elisha’ Manqele ibungabonwa nangokhalo emngcwabeni, kubika ILANGA LangeSonto.

Bekulindeleke ukuba lesi sihlabani sikamasikandi sibe khona njengoba kuthiwa yisona ebesishayela iQuantum ebandakanyeke kule ngozi edlule nemiphefumulo yamalunga alo mndeni.

Obephethe inkonzo yokuphelezela abashonile uPhumlani Tembe, umemezele kwaze kwaba kathathu ethi uma kukhona abathunywe wumndeni weGcokama Elisha ucela bavele bezokhuluma, kwaba secwaka.

Iqhubekile inkonzo kusalitshaziswa kanti kuthe sekumele kuphume izidumbu kwaya ilunga lomndeni phambili lathi abakwazi ukuphuma baye emngcwabeni ungabonakele lo mndeni.

OLUNYE UDABA: IGcokama engozini yemoto - kushone abathathu

Kusbe muncu isimo etendeni nomunye wabuka omunye emehlweni, abantu bethi akukhombisi ukuzwelana nomndeni oshonelwe ukungabonakali kwabakwaManqele, eHluhluwe, okuyindawo okudabuka kuyo lesi sihlabani sikamasikandi.

Emuva kwalokho umndeni ube nomhlangano oyinguyazane ngaphandle kwetende wase ubuya wathi akuphunywe kuyongcwatshwa.

Abantu abaningi bebebabaza ihlazo bethi kuyiphutha lokhu okwenzekayo.

Ngaleso sikhathi, uGcinaphi Langa, unina wezingane ezishonile, ubehayiza ekhala ngezingane zakhe.

Izingane ezishonile ngoNokuthula Langa, 16, uSimphiwe Langa, 10, enye ingane enncane ephuphume esiswini sikanina ingcwatshwe ngoLwesihlanu.

“Unina wezingane zami naye wacishe walimala kule ngozi ngoba yenzeka ngiqeda kumehlisa esitobhini salapho eqashe khona ngenxa yomsebenzi,” kusho ubaba wezingane uSikhumbuzo Langa.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-31°C Tstorms late. More clouds than sun. Hot.
Jhb: 17-28°C High level clouds. Warm. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 12-19°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...