Basonga ngokubopha uPitso Mosimane

2017-05-11 12:31

Durban - Sisonga ngokubopha uPitso "Jingles" Mosimane ongumqeqeshi weMamelodi Sundowns isikhulu seCape Town City esisola lo mlolongi ngokuba nomlomo omanzi.

ICity iguqiswe ngo-4-2 yiSuperSport United kowe-Absa Premiership ngoLwesibili ebusuku eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville. Ukuhlulwa kweCity kulo mdlalo kuyinciphisele amathuba okunqoba isicoco se-Absa Premiership, kubika iphephandaba ILANGA.

UJohn Comitis ongumnikazi weCity, usole uMosimane ngokuba nomlomo omanzi, athi yikho okuphazamise umdlali wabo uLebogang Manyama. Phela uMosimane uphumele obala wathi bayamufuna lo mdlali.

UComitis ekhuluma naleli phephandaba izolo ngoLwesithathu ekuseni, uthe bazomuthathela izinyathelo zomthetho uMosimane uma kuwukuthi iligi kayimuhlawulisi ngesenzo sakhe.

OLUNYE UDABA: I-Fifa iqinisekise izikhala ezingu-9 ze-Afrika kweyeNdebe yoMhlaba 

"Ngikholwa wukuthi uMosimane uphumile esandleni ngakwenzile kwazise lo mdlali usanenkontileka ende nekilabhu.

Le nto ayikhulumile kayiphazamisanga umdlali nje kuphela kodwa iphazamise ikilabhu yonke ngoba uManyama ungumholi wekilabhu.

"Udaba lwakhe sizolubikela iligi uma ingamuthatheli izinyathelo sizophoqeleka ukumthathela ezomthetho. Kodwa-ke okuningi sizokubeka obala kusasa (namuhla ngoLwesine)," kusho lesi sikhulu sicela ukukhululwa sithi siphuthuma emhlanganweni.

UMosimane akathi vu ngalolu daba.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-14°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 11-17°C Afternoon clouds. Cool. PE: 9-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...