Basabisa ngokuduba iKaizer Chiefs

2017-05-15 14:00

Durban - Basabisa ngokuduba imidlalo yeKaizer Chiefs esele abalandeli bale kilabhu ehlulwe yiPolokwane City ngo-1-0 kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo ebusuku eNew Peter Mokaba Stadium, ePolokwane.

Igoli okunqobe ngalo iPolokwane lishaywe nguThapelo Tshilo.

Abalandeli beChiefs abebekulo mdlalo baphume bedinwe beqhuma, abanye bechapha ngenhlamba uSteve Komphela kanye nabadlali.

Omunye umlandeli wokuqina weChiefs, obekulo mdlalo, utshele ILANGA ukuthi bahlongoza ukuyiduba imidlalo esele yale kilabhu ngoba abacatshangelwa.

Uthi iChiefs ihlukumeza imizwa yabo.

“Sinqamule izinkalo siyokweseka ikilabhu, sacula umdlalo wonke kodwa sizodliwa kalula. Sihlongoza ukuthinta amanye amagatsha sime ukuya emidlalweni yeChiefs kuze kwenzeke into esiyifunayo. Okokuqala nje esikufunayo wukuthi umqeqeshi aqhele, isimehlulile ikilabhu, kakukho asazokwenza. Amasizini amabili anele, useziphule kwanele izinhliziyo zethu.

OLUNYE UDABA: UMosimane uthi uncamela ukunqoba isicoco se-CAF kuneseligi

“Kuyacaca ukuthi iyamehlula iChiefs. Sesanele manje yizincazelo zakhe nesiNgisi esiphakeme, sifuna ahambe manje.

“Bese sicela nokuthengelwa abadlali abaseqophelweni eliphezulu ukuze lolu vucu olugcwele luhambe,” kusho lo mlandeli okwelinye lamagatsha amakhulu eChiefs ocele ukuba angadalulwa igama lakhe.

Emuva kwalo mdlalo, uKomphela ukhale ngamathuba abawamoshile.

“Ngesiwombe sokuqala bekufanele siwusonge umdlalo kodwa sayeka amathuba alula. Uma ufuna ukunqoba umdlalo kufanele uwasebenzise amathuba owatholayo hhayi lokhu esikwenzile. Nasemuva-ke nje kasizange simake kahle. Sihlulekile wukumaka amakhona ngendlela.

“Kodwa-ke ngiyayibongela iPolokwane ngokusinika umdlalo oseqophelweni eliphezulu,” kusho uKomphela.    

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-27°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...