Baphika eyokugula kwenkosi yakwaShembe

2016-12-18 17:10

Durban - Kubikwa ukuthi iyelulama iNkosi yamaNazaretha uVelamuhle Imisebeyelanga Shembe, ngemuva kokuxinwa wukugula okungadalulwanga emasontweni amabili edlule.

Imisebeyelanga kubikwa ukuthi ingeniswe esibhedlela esizimele eThekwini emuva kokuxinwa wukuhlabeka. Abasondelene nayo bathi kuye kwaphoqa ukuba iphuthunyiswe esibhedlela odokotela basheshe bayinyanga yabuyela ekhaya, kubika ILANGA LangeSonto.

"Sizobe sinayo emgidini entabeni. Bekuwumkhuhlane nje ophatha bonke abantu futhi kuyinto eyiyijwayele ukuba ihlale iyohlolwa impilo njengoba isebenza ngokuzikhandla emsebenzini webandla," kusho uMnu Nkululeko Mthethwa okhulumela uhlangothi lwaseThembezinhle.

Uqhube wathi: "Siyazi ukuthi kukhona esizwa ukuthi besebesabalalise amanga okuthi inkosi ibangwa nezibi esibhedlela. Akunjalo, phansi amaphaphu kubalandeli bethu. Sikhonza uNkulunkulu ophilayo thina".

Kuzwakala le mibiko nje Imisebeyelanga iwine icala lombango wobuholi kulelibandla lamaNazaretha, obuphakathi kwayo neNkosi uMduduzi Nyazilwezulu Shembe.

Inkatolo inqume ukuthi yiyo (Imisebeyelanga) engumholi waseBuhleni owaqokwa ngencwadi yiNkosi uVimbeni Thingolwenkosazane Shembe.

Lesi sinqumo sichithiwe ngabohlangothi lwaseBuhleni, bafaka isicelo sokwedlulisa isinqumo okulindeleke ukuba silalelwe ngamaJaji ayisihlanu eNkantolo eNkulu eThekwini uma esephothule ukuhlaziya izethulo zanhlangothi zombili ngonyaka ozayo.

Umbango wosikhundla uqale emuva kokuhamba emhlabeni koThingolwenkosazane ngonyaka wezi-2011.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...