Baphelile beqolwa ngumthandazi mbumbulu eNkandla

2017-05-18 18:03

Durban - Kuxabene ubendle eNkandla, maphakathi neKwaZulu-Natal ikakhulukazi endaweni ebizwa ngokuthi yiKwaNqundu njengoba umphakathi ungasangenelani ngenxa yokugilwa ngumthandazi-mbumbulu obehlolela abantu ocingweni egagula "abathakathi" ngamagama.

Ngokuthola kweLANGA, u-Andile Mchunu, 26, waseNkandla, ubezibiza ngoMama Zwane waseMgungundlovu, maphakathi neKwaZulu-Natal ebetshela abantu izinkinga zabo njengoba zinjalo ezifihlile ukuthi uyisakhamuzi endaweni.

Kuvela ukuthi kunesalukazi sakwaKhanyile esiphunyule singqongqiswa nendlu ngomlilo emuva kokuba sinukwe, "nguMama Zwane".

Umthombo weLANGA uthi uMama Zwane lo ubehlolela amakhasimende akhe esebenzisa umakhalekhukhwini kanti noma esewelapha ubesenzisa lona ucingo.

OLUNYE UDABA:Ubadlisela ogageni umthandazi ona-11

Lo mkhuba kuthiwa uwuqale ngoJuni nyekene kanti kakusikhona kuphela eNkandla lapho eqothule khona amaphakethe amadoda, naseBabanango, naseNquthu wenze esifanayo.

Kubikwa ukuthi ubengawuqali umsebenzi uma ikhasimende lingakawufaki u-R300 wokuhlola esitolo lase lithumela nezinombolo zokuwukhipha naye waqinisekisa ukuthi hhiya, usewutholile.

Eyokwelaha kuthiwa ibingaphezulu kuka-R3 000, bekuya ngezinkinga zakho. Uma eselapha, ubeyalela ikhasimende ngalo ucingo ukuba lithenge ini, liyihlanganise nani bese liyisebenzisa kanjani bese ligezela ngaphandle komuzi.

Kuthiwa iphimbo ubelishintsha kube ngelomuntu wesifazane kanti imali kubikwa ukuthi beyikhishwa uMelmoth nakwezinye izindawo.

"Isimo ngendlela esiyiyona, abantu baseNkandla kabangenelani. Lo muntu ubekutshela konke, ukholwe nawe uma ekuhlolela. Ubekutshela ngisho amagama omakhelwane nokuthi umuzi wakho unjani umbala. Kuqale lapho ke ukuba abantu bathutheleke kuyena, efonelwa ngapha nangapha.

"Ubebuye azishintshe amaphimbo azibize ngoBaba Zwane ethi banesiphiwo sokusiza abantu nomyeni wakhe," kusho umthombo.

UThembani Xulu waseManzamnyama, khona eNkandla, uthi yena ukhokhe u-R3 250 kanti kunesihlobo sakhe esikhokhe u-R2 000 kodwa bangaluthola usizo lokwelashwa yize uMama Zwane ebahlolele bakholelwa kuyena.

Uthi unazo izinkulumo eziqoshiwe behlolelwa ocingweni kodwa okumxakile wukuthi kuthe uma sekumele uMama Zwane ayokwelapha, wabeka izaba zokuthi baningi kakhulu abantu abamlindile kungcono balashelwe khona ocingweni.

Thola udaba oluphelele kwiphephandaba ILANGA.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Mostly sunny. Mild. Pta: 9-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 13-23°C Morning clouds. Mild. PE: 11-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...