Bakhala ngezimali zikayise abashana bakaNkk Madikizela-Mandela

2017-04-16 11:05

Durban - Izingane zomfowabo kaNkk Winnie Madikizela Mandela zikhala ziyazithulisa ngokunyamalala kwezimali zikayise ongasekho ezingaziwa ukuthi zamokolwa ngubani.

INdodana kaStanford Madikizela ongumfowabo kaMaDikizela Mandela enguMsuthu Madikizela isivele yabhoboka ngalolu daba emuva kweminyaka uyise washona kepha izimali zakhe do.

UMsuthu elandisa ILANGA LangeSonto uthe uyise wathola izimali ebezikhishwa nguhulumeni zalabo ababeyizishoshovu zomzabalazo besekudingisweni kodwa leyomali ayifinyelelanga ezandleni zabo njengabantwana bakaStanford.

“Ubaba wethu nguSthembiso Stanford Madikizela ongumfowabo kaWinnie Madikizela Mandela. Ubengumshayeli kaNelson Mandela beno OR Tambo.

OLUNYE UDABA:Ubemuhle econsa kwidili lakhe okaMadikizela-Mandela

"Ushonele eZambia ngo-1986, sasisebancane kakhulu ngaleso sikhathi. Mina ngifike la eSouth Africa ngo-2009, ngifike ngizofuna izihlobo zami zakwaMadikizela.

"Ngifike ngahlala emzini ka-Anti uWinnie. Umfowethu omncane uZolile ubesevele ehlala naye,” kulanda uMsuthu.

Uthe izinkinga zabo ziqale ngesikhathi sebefuna ukwazi kabanzi ngobaba wabo.

“Siyazi ukuthi ubaba wasishiyela izishaqane zemali kodwa leyo mali asikwazanga ukuyithola." 

Uthe ayikho imizamo abangayenzanga ukuthola le mali kodwa u-anti wabo akabalekeleli ukuba bayithole.

“Sambuza ngendaba yemali kodwa wasiziba. Esikhundleni salokho wavele wasithatha wasiyisa  e-Eastern Cape, eBizana eMbhongweni wathi kumele siyokwamukelwa ngumndeni wakwaMadikizela.

"Kwahlatshwa izinkomo ezintathu zokusamukela kwagcina lapho, akaphindanga wayiphatha indaba yemali. Sikhulumile nosopolitiki abathile abamaziyo ubaba futhi bazama ukusisiza kodwa wathalalisa ubabekazi wethu.

"Ngesikhathi uMengamali Jacob Zuma eseBizana sambikela ngalolu daba kodwa wasitshela ukuthi wudaba lomndeni lolu,” kusho uMsuthu 

UMSuthu uthi sekufike lapho bengasazi ukuthi bazokwenzenjani njengoba sekunemigoqo ebavimba ukuba bakhulume ngqo no-anti wabo abaqaphi bakhe bala ukhasha.Kanti futhi kamuva nje usekhala ngokungaphili.

"Asisho ukuthi sisola u-Anti ngalezimali kepha kuyoyonke iminyango esesingqongqoze kuyo kuvele kufuneke yena bese ziyima emthumeni,"kuzikhalela uMsuthu.

Yehlulekile imizamo yokukhuluma noNkk Madikizela Mandela ongumsizi wakhe uNkz Zodwa Zwane uthe:"UNkk Madikizela Mandela ubuthaka  ngeke akwazi ukukhuma nani."

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C High level clouds. Mild. Pta: 6-19°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Morning clouds. Refreshingly cool. Bloem: 2-19°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 10-18°C Mostly sunny. Cool. PE: 10-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...