Bajabulela umlando omubi weChiefs

2017-03-09 11:03

Durban - Iphokophele ukuqhuba umlando omubi weKaizer Chiefs kwiNedbank Cup iStellenbosch FC uma la makilabhu esebhekene emdlalweni wesigaba sikaLast 32 ozokuba ngoMgqibelo ngo-20h15 e-Athlone Stadium, eCape Town, kubika iphephandaba ILANGA.

USibusiso "Mphasha" Hadebe odlala emuva kwiStellenbosch, uthi umlando uzoziphinda wokuthi uSteve Barker noSammy Troughton bakhiphe iChiefs kulo mqhudelwano. Laba baqeqeshi bakwenzile lokhu becija i-University of Pretoria eminyakeni edlule.

Ngaleso sikhathi iTuks ibigijima kwiNational First Division (NFD) lapho isiphinde yashoveleka khona njengoba isiyibambe kulesi sigaba neStellenbosch.

Nakuba iChiefs iyizimfivilithi ukunqoba lo mdlalo kwazise iStellenbosch sidlala esigabeni esiphansi, futhi iziMpofana zisefomini enhle kulezi zinsuku njengoba zingakaze zehlulwe nonyaka, kodwa uMphasha uthi nakanjani zizophoxeka kulo mdlalo.

"IChiefs isenkingeni kulo mdlalo. Kangingabazi ukuthi sizoyimangaza. Siyifihlele induku emqubeni. Okokuqala nje okuzosinqobisa lo mdlalo wukuthi siyazi njengoba sizazi, kanti yona kuncane ekwaziyo ngathi njengoba imidlalo yethu yeligi ingavezwa.

OLUNYE UDABA: IChiefs igaqele uJaji - Umbiko

"Ngaphandle kwalokho indlela esiwulungiselele ngayo lo mdlalo ihlukile kwazise eyabadlali abancane (abaneminyaka engaphansi kwengama-23) kayisebenzi kulo mqhudelwano. Abaqeqeshi babuyise izinsizwa ezindala.

Sinabo baningi abadlali abanesipiliyoni sokudlala kwiPremiership. Yingakho ngingangabazi ukuthi sizokwethusa abathandi bebhola kulo mdlalo. Sizowunqoba," kusho uHadebe.

Nokho uSiphiwe "Shabba" Tshabalala odlala esiswini kwiChiefs, uthi nakuba bezihlonipha izimbangi kodwa akaziboni zibakhipha kulo mqhudelwano.

"Ukuphuma kwethu kulo mqhudelwano kungadala umonakalo kwazise sifuna ukuzinqoba zombili izinkomishi ezisele.

Uma singehlulwa ngabe senzele phansi umqeqeshi wethu, abalandeli, abaphathi bekilabhu nathi uqobo. Siyayihlonipha impela iStellenbosch futhi ngiyavuma ukuthi kuncane esikwazi ngayo kodwa ngeke sihlulwe kulo mdlalo lokho ngingakumela. Abalandeli bethu mabakhululeke sizodlula kulo mdlalo yize kungeke kube lula," kusho uTshabalala.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-30°C High level clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...