Bafisa ukuhlanganiswa nomndeni wesihlabani sombhaqanga

2017-10-05 11:00

Durban - Bafisa ukuhlanganiswa nomndeni wesihlabani sombhaqanga esingasekho, uSimon “Mahlathini” Nkabinde abesifazane baseZinqoleni, eningizimu-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, abathi bayigazi lalo mculi obeteketiswa ngeleLion of Soweto.

Bathi ngokuzwa kwabo umlando, kunokuhlobana phakathi kwabo noMahlathini oshone zingama-27 kuNtulikazi (July) we-1999 - eneminyaka engama-61 ubudala.

ILANGA livakashele umndeni wakwaMakhathini KwaShobashobane, eZinqoleni, lapho uBoni Makhathini elitshele ukuthi sekunesikhathi eside unina ongasekho ezama ukuxhunyaniswa naye uMahlathini kwaze kwaba (unina) uyadlula emhlabeni njengoba naye uMahlathini engasekho. 

OLUNYE UDABA:Bakhale ngokubanjwa ngophondo abangamenyezelwanga kowama-Satma

"Sikhule umama ehlale esibalisela ngomfowabo owahamba besebancane, waduka nezwe wathi uyosebenza eThekwini. Ngaleso sikhathi kwakukude-ke naseThekwini kwagcina kungaziwa ukuthi umfowabo lowo waphelelaphi. Umama ubeyaye asukume ame ngezinyawo uma esezwa izingoma zikaMahlathini, athi nguyena impela umfowabo kanti negama leli ayezibiza ngalo wayaye athi kwakuyigama likayise,” kusho uMakhathini.

Uthi yena ungowakwaCele - ushadele kwaMakhathini - kanti unina wayengashadile kodwa akazi ukuthi uMahlathini ugcine ezibiza ngoNkabinde kanjani.

"Umama wayeke asitshele ukuthi bazalelwa khona la eZinqoleni. Yinto eyaziwayo nje emndenini ukuthi uMahlathini uyisihlobo sethu kanti esikufunayo nje wukuhlanganiswa namalunga omndeni wakhe asele ukuze sazane, kakukho okunye okungale kwalokho esikufunayo. Ngiyazi nomama lapho ekhona angajabula kakhulu ukubona ukuthi sagcina siwufune sawuthola umndeni womfowabo," kusho yena. 

UFikile Cele - oganele kubo kaMakhathini - naye usho okufanayo wathi umyeni wakhe wayehlale eyixoxa eyokuthi uMahlathini unguninalume. 

Uthi kudala babeye bezwe kuthiwa unomuzi KwaMashu kodwa nakhona kabazi ukuthi wagcina efike kanjani eGoli. Leli phephandaba lizame konke okusemandleni alo ukuxhumana nabantu abangakwazi ukulixhumanisa nomndeni weMbodlomane - njengoba ayebuye ateketiswe kanjalo uMahlathini - lathola uNkk Hilda Thloubatla oyilunga leqembu aMahotella Queen ayecula nalo, othe inkosikazi yayo nayo isinesikhathi eside idlulile emhlabeni.

"Njengoba kwadlula emhlabeni uMahlathini, kwabe sekuphela nokuxhumana nomndeni wakhe. Engikwaziyo nje wukuthi wayenengane eyodwa njengoba engabanga nomndeni omkhulu. Ingane yakhe yentombazane ngayigcina ihlala emzini wakhe eVosloorus kodwa nayo kasisaxhumani nayo," kusho yena.

Uthi yize noma babechitha isikhathi esiningi noMahlathini, beya nakwamanye amazwe benza namakhonsathi, kodwa wayengumuntu othulayo.

“Wayengakhulumi kakhulu nangomndeni wakhe kodwa ngiyakhumbula kudala ethi ubuya eNatal kade eyofihla unina. Kangiwazi nhlobo umlando wakhe ngaphandle kokuthi uphuma KwaZulu-Natal,” kusho yena.

IMbodlomane kwaziwa ukuthi izalelwe eNewcastle enyakatho-ntshonalanga yeKwaZulu-Natal.

Isebenze namaciko abaningi okubalwa kuwona amaHotella Queen, uWest Nkosi, Marks Mankwane. Izingoma adume ngazo kubalwa ethi “Mbhaqanga” “Lilizela Mlilizeli” “Kazet” “KwaMfazi Ongemama” “Amagoduka”, “Ngasebenza Ngezwa”, “Ngicabange Ngaqeda” “I am in Love With the Rastaman”.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 16-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 19-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...