Babizwe ngeminenke abadlali be-PSL

2017-10-01 11:07

Durban – Ushiye angalazi kubadlali bakhe kuFarook “Ntshebe” Kidodia ongumnikazi weMaritzburg United ezakhe ziguqiswa yiFree State Stars ngo-1-0 wegoli likaSnethemba Janjtie kowe-Absa Premiership ngoLwesihlanu ebusuku eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.

ITeam of Choice bekubhekwe ukub ibuyise isithunzi kulo mdlalo njengoba ibikade iguqiswe yiKaizer Chiefs ngo-2-0 kuyo le nkundla emasontweni ambalwa edlule.

Nokho iphoxile idlala umbozo webhola yagcina ngokuhlulwa. Bekufanele okungenani ibhudluzwe ngo-3-0 nokho yasizwa ukuthi iFree State ishaye ipali kwaze kwakabili.

OLUNYE UDABA: I-PSL isikugunyazile ukuthengwa kweThanda uSuthu

Emuva kwalo mdlalo, uKododia uzwakalise ukuthi abadlali bakhe ngathi bebengafuni ukuwugijima lo mdlalo ngendlela abadlale ngayo.

“Laba bafana kangazi ukuthi bebengenelwe yini, bekungathi yiminenke nje, benwabuluka kungavumi nokuthi benzene.

“Bebephantshile kulo mdlalo, kabazange benze lutho. Uma kuwukuthi iFree State ifike nomthakathi hhayi uyasebenza bebethothongene abadlali bethu behluleka wokugqobhoza. Kodwa-ke ngisazokhuluma nabo bekungafanele siwuhlulwe lo mdlalo,” kusho uKododia.

Thola udaba oluphelele kwiLANGA LangeSonto.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...