Asethengwa ubuthaphuthaphu amathikithi eSoweto Derby

2017-10-19 14:01

Durban – Ukunqoba kweKaizer Chiefs umdlalo wayo weMamelodi Sundowns kujike isimo ngamathikithi omdlalo womkhaya njengoba kuthiwa abalandeli bese bebhuduzela beyowathenga izolo ngoLwesithathu.

IChiefs iguqise ngo-2-1 iDowns kowe-Absa Premiership ngoLwesibili kusihlwa eLoftus Stadium, ePitoli, kubika ILANGA.

Amagoli eChiefs ashaywe ngoSiyabonga Ngezane noBernard Parker, eleDowns lashaywa nguThemba Zwasne obekuyiphenathi.

IChiefs kuzothi ngoMgqibelo ngo-15:30 ibhekane nomkhaya i-Orlando Pirates koweligi e-FNB Stadium, eSoweto.

Ngaphambi komdlalo weDowns kubikwe ukuthi amathikithi abehamba kancane abalandeli bengayingeni kwazise iChiefs ibingenzi kahle.

OLUNYE UDABA: Angase awudlale owomkhaya umdlali weChiefs obelimele

Leli phephandaba lithole ukuthi emuva kokuba inqobe umdlalo wayo neDowns, izolo ngoLwesithathu bekunesibhudubhudu ezitolo ethengwa ubuthaphuthaphu.

Leli phephandaba lishicilele kuthiwa sekusele kancane athengwe wonke.

Kuthintwa uSolwazi uRonnie Schloss oyiChief Operations ye-PSL uthi ibamangazile indlela amathikithi ahambe ngayo emuva kokunqoba kweChiefs ngoLwesibili.

“Njengoba ngikhuluma nawe nje kusele ingcosana engingangabazi ukuthi kuzoshona elanamuhla [Lwesithathu] isiphelile ngendlela abantu abavele bawathenga ngayo.

“Le nto ikhombisa ngokusobala ukuthi abalandeli banamandla,” kusho uSchloss.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild.
Jhb: 11-15°C Rain showers. High level clouds. Cool. Bloem: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...