Asengcupheni amaMetro Award ngenxa yezimali

2018-01-14 14:03

Durban - Ukwentuleka kwezimali nokuswela abaxhasi kuthiwa sekuwubeke engcupheni yokungenzeki ngesikhathi ovame ukwenzeka ngaso umcimbi omkhulukazi waminyaka yonke wokuklonyeliswa kwabaculi eNingizimu Afrika.

Lo mcimbi obizwa ngokuthi amaMetro FM Music Award, ohanjelwa yinqwaba yosaziwayo uvamise ukwenzeka ekupheleni kwaFebhuwari kanti minyaka yonke kuye kushaye lesi sikhathi sebemenyezelwe abaculi abaqokiwe eminxeni eyahlukene, sekunxenxwa abalaleli ukuba abvote.

Nokho kulo nyaka kakucaci ukuthi zithini izinhlelo. ILanga LangeSonto lihabule emithonjeni yalo ukuthi kuyabheda ngakwezezimali kwiMetro FM, okuyisiteshi esingaphansi kweSouth African Broadcasting Corporation (SABC), okuyisona esihlela lo mcimbi.

Kuthiwa kule minyaka eyedlule uhulumeni waKwaZulu-Natal nomasipala weTheku yibona abebengabaxhasi abaqavile balo mcimbi ukuze wenzeke. 

Kulo nyaka kuthiwa uhulumeni nomasipala kabazimisele ngokuba yingxenye yawo njengoba bezogxila kwezinye izinhlelo zokuqhakambisa iTheku.

Esinye sezisebenzi zalesi siteshi esingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba siveze ukuthi kuduma amakhanda kwizikhulu zalo msakazo njengoba zehla zenyuka zithungatha abaxhasi.

Sidalule ukuthi kunomasipala ababili abake bakhombise intshisekelo yokusingatha nokuxhasa lo mcimbi phambilini obakhala ngaphansi njengoba bekuba yiTheku eligcina liqokwe ukuwusingatha.

"Uyiabona manje sebeyabakhumbula lab' omasipala okuyiNelson Mandela Bay (Eastern Cape) neMbombela (Mpumalanga). Nakuba ngingenayo imininingwane egcwele kodwa basazama ukuxhumana nalab'omasipala ngethemba lokuthi owodwa wabo uzokwazi ukutakula (isiteshi) kuleli hlazo.

"Phela uma lo mcimbi ugcina ungenzeki kuze kuphele unyaka kuyoba yihlazo elikhulu," kusho lesi sisebenzi esodonse intatheli ngendlebe ukuba ligadalulwa igama laso.

UPhilip Sithole oyisikhulu kuMasipala weTheku uveze ukuthi bebengakezwa lutho oluthinta lo mcimbi. Akafunanga ukuphumela obala ukuthi bangawuxhasa yini uma kungase kufike isicelo.

"Sizobheka ukuthi bathini futhi siyahambisana yini nalokho abakushoyo ngaphambi kokuba sithathe isinqumo," kusho uSithole.

Sekunesikhathi kukhalwa ngesimo sezimali e-SABC njengoba kunezinhlelo zale nhlangano ezigcina zimisiwe ngenhloso yokonga imali.

UKaizer Kganyago okhulumela le nhlangano ucashunwe kwelinye lamaphephandaba eveza ukuthi bazocacisa maduze ngalawa ma-award asuse umsindo ngonyaka odlule lapho isihlabani se-hip hop, uNasty C egile izimanga ewola izindondo, mawede kwasolwa inkampani asayine ngaphansi kwayo iMabala Noise Entertainment ngomkhoshosho wokuthenga izindondo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...