Amaqembu ase-Europe agaqele isiqongqwane seDowns

2017-02-12 18:30

Durban – Kungase kube yisizini yokugcina kumdlali weMamelodi Sundowns oshisa bhe kulezi zinsuku njengoba kuvela ukuthi ufunwa uthuli ngamakilabhu ase-Europe.

UPercy Tau, 23, odlala esiswini kwiDowns uvutha engabaselwe kulezi zinsuku kangangoba usedonse iso lamakilabhu aphesheya kwezilwandle.

Iphephandaba ILANGA LangeSonto lihletshelwle ngumthombo walo ongaphakathi kwiDowns ukuthi kungase kube yisizini yokugcina lena uTau egijima kumaBrazilian njengoba kuvela ukuthi kunekilabhu yase-Europe exine kanzima iDowns ngalo mdlali.

Kuthiwa le kilabhu ifuna ukuthi basayine bavumelane manje neDowns kungaze kutheleke amanye amakilabhu kwazise isizwile ukuthi akhona amanye amfunayo khona e-Europe.

OLUNYE UDABA: IDown igaqele uPienaar – Umbiko

“UTau angase ahambe uma kuphela isizini ngoba kunekilabhu yase-Europe emfuna kabi kodwa ngeke ngikwazi ukukutshela igama layo okwamanje ngenxa yokuthi le kilabhu icele ukuba ifihlwe kuze kungaphazamiseki izinto ezithile.

“Yona ithembisa ukukhipha imali enhle ngalo mdlali kangangoba ifuna kusayinwe yonke into ngokushesha ukuze ingaphazamiseki,” kusho lo mthombo.

Leli phephandaba lithinta uThulani “TT” Thuswa wezokuxhumana kwiDowns ngalolu daba, uthe: “Uma udlalela ikilabhu enkulu njengeDowns akuthusi ukuthi ufunwe amaqembu ase-Europe.

“Uma sivumelana kahle, ngeke sime endleleni yalo mdlali.”

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Haze. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-18°C Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...