Amanxeba asopha kobehambise izibizo ngengozi yebhasi

2017-05-18 19:30

Durban - Kuqaqamba inhliziyo avukwe yisibibithwane owesilisa waseBulwer, maphakathi neKwaZulu-Natal, obeqashe ibhasi eligingqike kwaNtunjambili eNkandla, maphakathi neKwaZulu-Natal, labhubhisa inqwaba yabantu ehambise izibizo ekhweni ngenyanga edlule uma echaza ngalolu daba.

UMbhidi Ngwadi, ongumyeni obeqashe ibhasi, uthi impilo inzima njengoba unina nodadewabo beshone kule ngozi, usesele nabafowabo abane abancane kunaye.

Ekhuluma neLANGA, uthe njalo uma ebuka izingubo zokulala namaphinifa abebeyombesa ngawo kuvele kwehle izinyembezi.

OLUNYE UDABA:Kushone 12 kwalimala 6 engozini yebhasi eNkandla e-KZN

"Noma sesiphindela ekhweni sesihambisa lezi zinto, ngeke kusafana nasekuqaleni, umama engasekho. Zintathu kuJuni sizobe sikhumula inzila ngokuhanjelwa ngumama, yilapho kumele sihlele khona ukuthi sizophinde sizihambise nini lezi zibizo zasekhweni ezigcwele indlu.

"Nalapho kangazi kuzokwenziwanjani ngoba sishonelwe saze sashonelwa nangudadewethu nezinye zezihlobo kule ngozi," kush uNgwadi.

Echaza ngokwenzekile ngosuku lwesigameko, uthi babehamba belindana nebhasi, yena nomzala wakhe behamba ngemoto encane. Uthi badlule eMgungundlovu bathathe ezinye izihlobo zabo, nazo zangena ebhasini kwaqhutshekwa nohambo, ibhasi lihamba phambili. Sebefika eKranskop ibhasi limile abantu bayozikhuluma, kumnandi kuculwa kungekho lutho olusolisayo.

"Sithe uma sisuka lapho, mina ngahamba phambili ngoba yimi engazi ekhweni lami, ibhasi besililandela eduze. Emajikeni aKwaNtunjambili bengithi ngisithela ngilibone seliqhamuka ibhasi kodwa kuleli jika lokugcina ngibone kudlula isikhathi eside lingaqhamuki.

"Ngiqhubekile saze salilinda emgwaqeni ojikela ekhweni. Ngibona kuthatha isikhathi eside lingasaqhamuki ngase ngijika ngiyolibheka. Kuthe ngisahlehla ngijika, kwangena ucingo lukadadewethu kodwa lushaywa ngomunye wesifazane ethi ibhasi selivelelwe yingozi.

"Uma sifika endaweni yesigameko, ngibona udadewethu ehleli ebhasini kodwa ngangabe ngisakhuluma naye ngoba abantu babekhala emahlashaneni angezansi becela usizo. Bengilokhu ngibadonsa ngibabuyisa emgwaqeni, umzala ubematasa efona ukuze kutholakale usizo.

"Ifikile i-ambulensi yabasiza abanye nemoto yezidumbu yafika yathatha abese beshonile. Kule ngozi kushone abantu abangu-12 endaweni yesigameko, abathathu bashonela esibhedlela," kuchaza uNgwadi.

Okhulumela amaphoyisa uLt-Colonel Thulani Zwane uthe akekho osaboshiwe ngalolu daba njengoba kusenziwa uphenyo.

Uthi kuzothi uma seluphothuliwe udaba bese luyiswa enkantolo okuyiyona ezonquma ukuthi umshayeli uyaboshwa noma cha.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...