Amahlebezi oqhekeko emshadweni kaDJ Bongz

2017-12-03 14:06

Durban - Sisola umona kwabafafaza izinsolo zokubhidlika komshado waso isilomo sika-DJ esingaconsi phansi kubathandi bomjuxuzo.

UDJ Bongz, ogama lakhe langempela nguBongani Dlamini, oshadelwe nguSiphelele Nene, ukhala ngomona ngemuva kokuba imithombo eyehlukene ipotshozele ILANGA LangeSonto ngokungahambi kahle kwezinto emshadweni walezi zithandani.

Omunye wale mithombo utshele leli phephandaba ukuthi uSiphelele, obizwa ngoPhe, akeneme neze emshadweni njengoba eseke waqoqa okungokwakhe waphuma emzini wabo izikhawu ezimbili ngemuva kokuxabana kwabo.

"Okokuqala kuze kwangenelela umndeni kaPhe ngemuva kokuba ethathe okungokwakhe wabuyela kubo eMandeni. Uhlae ekhala ngokuthi uBongz uphuza ngokweqile, akafuni ukukhula, uziphathisa okwengane encane esanda kungena kulo mkhakha.

"Kukhona nalapho abaze baxana khona phambi kwabantu, uPhe waduba wamshiya kanjalo uBongz," kusho umthombo wengeza ngokuthi uPhe useke wakhuluma nasondelene nabo ngokungaziphathi kahle kukaBongz.

OLUNYE UDABA: Ligqabukile goda phakathi kukaDJ Bongz neMabala Noise

Omunye umthombo uveze ukuthi uBongz unguDJ kodwa kwesinye isikhathi ubuye (uBongz) enze izinto ngenye indlela noma engasebenzi nokuyinto emcasula kakhulu uPhe.

Ngakolunye uhlangothi omunye umthombo dalule ukuthi isizathu sokubheda kwezinto kulo mshado wukuthi uPhe upahthisa uBongz okwengane encane.

Ethintwa yileli phephandaba uPhe uphikile ukuthi umshado wabo ulengela eweni."Baze bahlala ngawe abantu. Bathi konakelephi emshadweni wami? Ngikhuluma nawe nje ngikwami ngihlanza i-swimming pool ngakho angikwazi abakushoyo. Mina ngijabule emshadweni wami," esho.

UBongz uvele wasola umona kulabo abafafaza izindaba zokuthi umshado wakhe uyabhidlika.

Thola udaba oluphelele kwiLANGA LangeSonto. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...