Akuvumi akhulume ngombozo weChiefs

2017-07-11 11:00

Durban – Akuvumi nokuthi akhulume uCyril Nzama ngesimo esibi sibhekene neKaizer Chiefs osekuphele amasizini amabili ingalazi nokuthi linjani iphunga lenkomishi kwezigijinyelwa kwi-PSL.

UNzama ubengomunye wezinsika zale kilabhu enomlando omude kunobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika.

UNzama yize engafunanga ukuphumela obala ngesimo seChiefs kepha bekusobala ukuthi akeneme ngesimo samanje.

UNzama ubeyingxenye yezingwazi ebezihambele iSiyabonga Sangweni Youth Festival and Mayoral Sports Dayesongwe ngeSonto eDondotha, eMpangeni.

“Ngicela ukungalokothi nje ngikhulume ngeChiefs yamanje. Awukhulume nanaba abanakazi bayo (ekhomba uDoctor Khumalo noDerrick Spencer).

OLUNYE UDABA: Basabisa ngokuduba iKaizer Chiefs

“Mina ngicela ukuqhubeka nokuzinakela uChippa (Steve Lekoelea) oshaya umdanso omnandi,” kusho yena.

Abadlali abaningi abayizingwazi zeChiefs bayanqena ukukhuluma ngokungenzi kahle kweChiefs edume ngokungazibheki izinkomishi.

Selokhu izintambo zathathwe nguSteve Komphela ongumqeqeshi, izinkomishi kazibonwa eNaturena.

UKomphela ufike kwiChiefs inejoka lokuvikela isicoco seligi ne-MTN8 okuyizindebe ebezithathwe nguStuart Baxter osengumqeqeshi weBafana Bafana.

Nokho izingwazi zeChiefs ebezihambele umngcwabo kaMichael “Bizzah” Dlamini ngoMgqibelo eNorth Beach, eThekwini, bezingahlonizi ukuthi iChiefs yamanje kayisefani nhlobo neyaphambilini.

Bezikhala ngokuthi idlalelwa wuvucu lwabadlali.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 20-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-23°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Rain showers. Cloudy. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...