Akayi ndawo uMenzi kwiSibaya

2017-03-12 13:22

Durban – Kubikwa ukuthi kusazoshuba kakhulu emdlalweni oshisa izikhotha kulezi zinsuku iSibaya.

Isimo simanzonzwane njengamanje njengoba lesi sigaba sesine siphela ngesonto elizayo.

Ababukeli balo mdlalo babheke kakhulu ukuthi iyiphi ezogcina igobe uphondo phakathi komndeni wakwaZungu nowakwaNgwenya.

Imithombo yeLANGA LangeSonto engaphakathi isipotshozele ukuthi yize noma uMgijimi ezomnqoba uNgwenya kodwa ngeke ahambe, uzolaliswa esibhedlela.

“UNgwenya ubukeka engayindawo njengoba noMgijimi ezomnqoba kodwa engambulali,” kuchaza umthombo.

OLUNYE UDABA: 'UNgamla' uthi ujabule kakhulu ngokujoyina iSibaya

Umthombo uqhu abahleli balo mdlalo bahlabeke umxhwele indlela umndeni wakwaNgwenya ababukeli abawuthanda ngayo.

Lokho kuphoqe ukuba bangabakhiphi kulo mdlalo ngoba bayayishubisa inkundla. Ngokusho komthombo wethu.

Eminye imithombo eyehlukene iphinde yaqinisekisa ukuthi uZama Ngwenya ungomunye wabantu abathandwa kakhulu kulo mdlalo yingakho abaphathi benqume ukumgcina.

Thola udaba oluphelele kwiLANGA LangeSonto

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 7-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-29°C Morning clouds. Warm. PE: 17-31°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...