Akasekho emhlabeni uJohannes Mile

2017-09-01 16:03

Durban - Kumenele uMnu Johannes Mile oke waba yimeya yeTheku, oshonele esibhedlela iSt Augustine's eThekwini entathakusa yangoLwesibili emuva kokuhlaselwa yisifo senhliziyo eneminyaka engu-58 ubudala.

Usebenze njengemeya yeTheku emele iNkatha Freedom Party ngaphambi kokuba kubunjwe umasipala omkhulu.

Ushiye ezombusazwe ngo-2005 wagxila emabhizinisini.

Okhulumela umndeni kamufi, uMnu Philani Mabaso, umchaze njengomuntu wabantu, obaziwa ngokubiza bonke abantu ngo"mhlobo wami" noma athi "sgwegwe".

OLUNYE UDABA: Akasekho emhlabeni owayengumsakazi woKhozi FM

UMabaso utshele ILANGA ukuthi insephe yeKaizer Chiefs, uFani Madida, ubengumngani omkhulu kamufi.

UMadida uthe: "Njalo nje uma ngiseThekwini ngokomsebenzi, bengiyaye ngimvakashele. Ngizomkhumbula kakhulu, sengathi angaphumula ngokuthula."

Imininingwane ngenkonzo yesikhumbuzo nomngcwabo ibingakaqinisekiswa.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...