Akafuni ukuphawula ngokuganwa kwakhe uSbo Da Poet

2017-11-12 15:05

Durban - Ayifuni nokuyiphatha indaba yezinhlelo zokuganwa kwayo imbongi uSbo Da Poet, obuye ane ngumlingisi emdlalweni kamabonakude iSibaya.

Sekuyinto eyaziwayo ukuthi amaphupho azophela kwabesifazane abebecuthele le mbongi njengoba zizowushaya maduze.

Le mbongi kubikwa ukuthi izoshadelwa yisinqandamathe sayo uNoluthando Maseko waseDumbe. Ngokuthola kweLANGA LangeSonto, ngenyanga ezayo uDisemba kuzoba nomembeso, wumkhehlo, bese bethembisana umshado.

Nakuba kuthiwa umshado ususeduze kodwa usuku lwawo belungakamenyezelwa. 

"Esami isimemo somcimbi wangoZibandlela sengisitholile, ngisho nezindandatho uqobo sengizibonile. Sesilinde lo mcimbi nje kuphela," kuchaza lo mthombo.

OLUNYE UDABA: Ziyawushaya kuMinnie Dlamini kule mpelasonto

Lo mthombo uthi lezi zithandani sezineminyaka engaphezu kweyisithupha zithandana kanti uSbo kulezi zinsuku akabuthi quthu ubuthongo, ufana nengane ezoya edolobheni ngakusasa.

Kwisimemo esikhishiwe yilezi zithandani kufakwe izithombe zazo zombili kwi-video ezilokuthi zidlala kanti uSbo Da Poet uhaya inkondlo eyenza kucace ukuthi uchazekile yile ntokazi yakwaMaseko. Ukubeka ngokusobala ukuthi ufeza izethembiso azenza ngesikhathi esayeshela.

Ethintwa yiLANGA LangeSonto uSbonelo Mbutho okuyigama lakhe langempela uthe: "Ngeke ngikwazi ukuphawula ngalolo daba ngoba wudaba oluthinta imindeni eminingi. Abadala kabangigunyazile ukuxoxa ngalo," kuphela yena.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...