AbePirates bakhumbule uMeyiwa bedliwa

2017-04-03 12:34

Durban - Bakhumbule ubuholi bukaSenzo "Nzori" Meyiwa, odlule emhlabeni engunozinti nokaputeni we-Orlando Pirates, abadlali bale kilabhu iguqiswa ngo-3-2 yiFree State Stars ngoMgqibelo kusihlwa eJames Motlatsi Stadium e-Orkney.

Amagoli eFree State ashaywe ngoMoeketsi Sekola, uPaulus Masehe noMohammed Anas, kwathi aweBucs wona ashaywa ngoThela Ngobeni okube ngumkhonto ugwaze ekhaya nephenathi kaTendai Ndoro.

Omunye umdlali weBucs ocele ukuba lingadalulwa igama lakhe uvulele leli phephandaba isifuba ngokwenzeka kwiBucs nenkumbulo yomholi wabo uMeyiwa.

UMeyiwa udlule emhlabeni ngoMfumfu (October) wezi-2014 edutshulwa esendlini kubo kantombi yakhe engumculi uKelly Khumalo, eVosloorus, eGauteng.

Kuze kube yimanje ababulali bakhe abakatholakali.

"Ukuba nomholi okhaliphile futhi onawo amagalelo okuba ngumholi kumqoka. Into esishayayo wukuthi simpumpununu sifana nabantu abangenamholi.

“U-Oupa (Manyisa) ukaputeni wethu akukho segazini ukuba ngumholi uyakwenza nje ngoba ibhande lanikwa yena kodwa akasisizi ngalutho ukusikhuthaza enkundleni unamahloni umsebenzi wakhe uze wenziwe ngabanye abadlali abadala la ekilabhini. Sike sakhuluma namajita emva komdlalo weFree State sabukhumbula ubuholi bukaMeyiwa.

“Angifuni ukuqamba amanga isikhala sakhe sisekhona ubona nangamagoli asingenelayo nje.

Abantu bangakhala nje ngodonga lwasemuva kodwa kumqoka ukuba nonozinti okhulumayo ngoba yonke iminyakazo yezimbangi uyibona iqala bese exhumana nathi ukuba kumakwe kanjani. UMeyiwa ubengunozinti, umholi nomqeqeshi enkundleni lento engasenzeki.”

“IFree State isidla nje yingoba uBrighton (Mhlongo) akasithiphisi uma izimbangi ziza. Kuzofanele isukunyelwe lento ngoba sizogencwa yizembe kunganakiwe kanje abantu bangakholwa. Sisengozini akunqobeki sekudlule imidlalo eli-13 manje singanqobi angazi ngempela ukuthi sizohlula bani uma kunjena," kusho lo mdlali odonse ngendlebe leli phephandaba ukuba lingalidaluli igama lakhe.

OLUNYE UDABA: Abadlali bePirates kumele 'babenamahloni'

UKjell Jonevret ocija iBucs uyibize ngehlazo indlela ezakhe ezimake ngayo emuva.

"Ngithukile kungena igoli lokuqala kodwa ngazitshela ukuthi izinto zisazolunga sisazobuya.

"Ngivele ngaphoxeka esengena elandelana. Selokhu ngifikile singenelwa yigoli elilodwa ngomdlalo okwenzeke kulo weFree State yihlazo uqobo lwalo.

"Akunankinga uma sihlulwa ngo-1-0 kodwa uma sesihlulwa kanjena kubi. Udonga lwethu aluzange lumake ngendlela.

"Kodwa-ke izinto zizolunga sizohlalanganisa amakhanda sibheke lapho senze khona amaphutha bese siwalungisa," kusho uJonevret.

USerame Letsoaka ocija iFree State uthi konke kuhambe ngokohlelo.

"Ngifuna ukubongela abadlali bami ngomsebenzi omuhle abawanzile.

Besazi ukuthi ngeke kube lula ukuhlula iPirates kodwa balwa. Ngiyababongela kakhulu benze konke ebengibayalele kona.

Kodwa-ke luselude uhambo kuzofanele siqhubeke nokudlala kanjena ukuze sibaleke kule ndawo engeyinhle esihleli kuyo," kusho uLetsoaka.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More sun than clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Morning clouds. Mild. PE: 15-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...