Abefundisi "badize" ngo-R40 million webandla

2016-10-11 16:01

Durban – Kuxabene ubendle e-Evangelical Lutheran Church in Southern Africa okuyibandla elidume ngokuthi ngamaLuthela – ngenxa yabefundisi ababili abasolwa ngokuzithathela u-R40 million webandla ngenhloso yokuzenzela inzuzo.

Kumanje bashayana ngamakhanda abefundisi bakuleli bandla ngenxa yalolu daba olukhulunyelwa phansi ngenxa yokuthi kakufanele amanye amalunga ebandla alwazi.

ILANGA lithole ngemithombo yalo engaphakathi ukuthi izinto kazihambi kahle ekomkhulu lebandla njengoba seluvalelwe ngisho ucingo ngenxa yokungabi khona kwemali yokulukhokhela.

UMfundisi Zipho Ntuli osethathe umhlalaphansi uthi izinto azihambi kahle yize lolu daba lunyathelwa.

OLUNYE UDABA: Baboshelwe ukukhwabanisa “abebezenza abefundisi”

Kuthiwa la befundisi ababili bathatha lesi samba semali umgcinimafa webandla esekhefini, bayinika inkampani engaqondakali, kanti kuze kube yimanje ayikabuyi.

Kuthiwa kwaba nesivumelwane esithi le mali izobuyela ku-akhawunti yebandla isinenzalo enkulu ngemuva kwamasonto amane.

Nokho kuthiwa sekuphele isikhathi esingaphezulu konyaka le mali yahamba, kanti nabefundisi abasolwayo basaqhubeka nomsebenzi.

“Omunye wala bafundisi abasolwayo waze wafunga ngokufa uma le mali ingabuyi isingu-R4 billion. Okuxakayo ukuthi akenziwa lutho,” kusho uNtuli.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...