Abazali baxoshe othisha esikoleni

2017-08-03 11:04

Johannesburg - Bahlangane nezimbila zithutha ziholwa ngemhlophe phambili izolo ngoLwesithathu othisha ababili abebethunyelwe uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ukuba bayovala izikhala zabaxoshwe ngeledlule KwaBhavu Secendary School, eMthwalume, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal.

Bavuke umbhejazane abazali babafundi bakwaBhavu baxosha kwasani ngoba bengahambisani nokuthunyelwa kothisha.

Bakhala ngokunqundwa amandla yizikhulu zezemfundo. Kuthiwa ngomhlaka 24 Julayi, kuvulwa izikole, kuxoshwe uthishanhloko wakulesi sikole esolwa ngokudla imali yesikole, kwamiswa omunye ngoba esolwa ngokulova kanti omunye ubekwe amacala okusebenzisa iziqu okusolwa ukuthi zishayisa amakhala – ziyaphenywa.

ILANGA lithole ukuthi lo thishanhloko obeyibamba iminyaka emithathu, ubesebenzisa imali yesikole ngaphandle kokulandela imigudu efanele.

Kuvele ukuthi abazali bathi ngeke kuqhubeke ukufunda uma bezothunyelelwa othisha abangahambisani nabo ngoba kakuxoxwanga nabo.

USihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnu Mjabulelwa Mngadi, uthi  kakusilona iqiniso ukuthi kudliwe imali yesikole ngoba naye uyingxenye yokusayinelwa kwayo.

Utshele iphephandaba ukuthi ukugudluzwa kukathishanhloko kumayelana nombango walesi sikhundla.

OLUNYE UDABA: Zishise ibhasi izakhamuzi 'ezingamfundi uthishamnhoko omnyama'

“Sesizwile ukuthi uMnyango ususidayisile lesi sikhala zifuna ukufaka umuntu wazo. Ngeke thina sivume ukuba kuqashwe uthishanhloko esingamazi ekubeni ekhona obebambe iminyaka emithathu yonke futhi esiphethe kahle isikole,” esho.

Elinye ilungu lesigungu, uNkz Zethu Shinga, lithi kabanandaba nezinsolo ezibhekene nabanye kodwa abahambisani nokuba kuphenywe uthishanhloko ngento engekho.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, Mnu Sicelo Khuzwayo uthi luyasetshenzwa udaba lwalesi sikole ngoba kabafuni kuphazamiseke ukufunda njengoba sekulungiselelwa ukubhalwa kwezivivinyo.

Uphinde wathi kodwa kakumele ukuba abazali bakhononde uma bona njengoMnyango bethumela esikoleni othisha abanesipiliyoni.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...