Abasakazi basabisa umphathi siteshi

2017-02-19 11:05

Durban - Zisabisa ngokuthi buzochitheka bugayiwe izisebenzi ezidinwe ngumphathi wazo, ezisebenzela isiteshi somsakazo somphakathi uPhongolo FM.

Uma zikhuluma ngokudinwa kwazo lezi zisebenzi kuyacaca ukuthi lo mphathi wazo onguMnu Vincent Ngwebu usefana neqatha elimi embinjeni ngoba.

Zikhala ngokuthi akazibhekeleli ngalutho, azitholi ngisho indibilishi kodwa yena ebe ephila kahle, ekwazi ukufeza izidingo zakhe.

Ngenxa yokudinwa, zisabisa ngokufaka unyawo emcimbini ozobe ungesonto elizayo, lapho uMnu Ngwebu ezobe ekhehlisa ingoduso yakhe, uNkz Phumla Motho, oyiChief Executive Officer (CEO) yalo msakazo.

Zitshele ILANGA LangeSonto ukuthi kusukela lo msakazo uqalile ukuzwakala emoyeni ngonyaka ophelile azikaze zithole ngisho utiki.

Ngesikhathi uqala lo msakazo kubikwa ukuthi uMnu Ngwebu wathembisa izisebenzi umholo owu-R1 900 ngenyanga umuntu ngamunye.

Ngokuhamba kwesikhathi kubikwa ukuthi uyehlisile le mali, wakhala ngokungabi bikho kwemali.

Akuqali ukuvela kwezikhalo ngoMnu Ngwebu. ILANGA LangeSonto like labika ngokungenami kwezisebenzi ngenxa yempatho engeyinhle asolwa ngayo, nokungazifezi izivumelwano azenzayo.

Umthombo waleli phephandaba ongaphakathi kulesi siteshi obuthukuthele ugane unwabu ngesikhathi ukhuluma nentatheli uthi: "Useyashada lo muntu kodwa izimali zethu akazikhokhile. Okusicasula kakhulu wukuthi uyasithuka athi siyanuka, asigezile uma sinemihlangano naye," kubeka umthombo.

Phambilini lezi zisebenzi zishaye amakhala, zithi usevele wathenga imoto ekubeni ubengasebenzi. Zithi lokho kuvele kwazenza zabona ukuthi iyangena imali yezikhangiso emsakazweni.

OLUNYE UDABA: Liqhuba kahle ibhungu elifakwe izindlebe eKapa

Omunye umthombo uthi okubi nje wukuthi akayingeni ngempela eyezisebenzi, ukhombisa ukuba ngumuntu ophakeme.

"Uvele athi akanandaba noma singaya kuphi kodwa kuyohlezi kukhonya yena," kuqhuba umthombo.

Nawo lo mthombo uyivezile eyokuthi uthi bayanuka, abagezi. Ngesikhathi ebatshela lokho kuthiwa bamuphendule ngokuthi abanayo imali yokuthenga insipho abanayo ngoba bengakaze bahole nje.

Iphephandaba elinguzakwabo waleli iLanga leTheku liphume nencwadi ebhalwe womunye wabalaleli egxeka indlela lo mphathi siteshi agcwaneka ngayo.

Ethintwa ngalolu daba uMnu Ngwebu akazange athande ukukhuluma kakhulu kodwa uphendule umbuzo owodwa maqede wavala ucingo.

"Angikaze ngikhulume namuntu ngendaba yemali mina," kusho yena, maqede wavala ucingo.

Akabange satholakala emveni kwalokho, ubengasalubambi ucingo.

Phambilini wayetshele leli phephandaba ukuthi izisebenzi zizoyithola imali ngemuva kwezinyanga ezintathu, waphinda wathi umuntu ofika nesikhangiso uyothola ingxenye ethile yemali yaleso sikhangisi.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-28°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-23°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 8-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...