Abalandeli bashayise ngovalo umqeqeshi weBucs

2017-03-10 11:01

Durban - Akawuvali umlomo umqeqeshi we-Orlando Pirates ngomdlalo womkhaya ‘abewugijima’ okokuqala ngqa selokhu eqhoqhobale lesi sikhundla sokulolonga le kilabhu, kubika iphephandaba ILANGA.

IBucs ishayane yaze yabukana nomkhaya iKaizer Chiefs ngesikhathi umdlalo we-Absa Premiership uphela ngo-1-1 eFNB Stadium eSoweto ngempelasonto edlule.

IChiefs iyona evule inkundla ngegoli likaJoseph Molongoane kodwa lacinywa uTsepo Masilela ngesikhathi umkhonto ewuhlaba ekhaya.

IChiefs bekufanele iwunqobe lo mdlalo uWillard Katsande enikwa iphenathi kodwa yavinjwa ngunozinti weBucs uBrighton Mhlongo.

UKjell Jonevret unamasonto amabili eqashwe njengomqeqeshi omusha weBucs.

Lona bekuwumdlalo wakhe wokuqala womkhaya.

OLUNYE UDABA: Omunye umdlali weChiefs owelule inkontileka

“Ukubona into kwithelevishini nokuyibona bukhoma akufani neze. Lo mdlalo womkhaya ngike ngawubona kuthelevishini phambilini kodwa sengizibambele mathupha ngibone into engingakaze ngiyibone.

“E-Europe abalandeli bayacula nje kuphela kowomkhaya abahlali ndawonye. Ngithuke ngoma ngibona abalandeli bamakilabhu behleli ndawonye.

“Ngishaywe uvalo oluncane kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngajwayela. Angikaze ngiyibone into enjena,”  kusho lo mqeqeshi.

Uthi kudlale amadolo iChiefs ishaya igoli.

“Ngikholwa ukuthi iphuzu esilitholile lisisizile ngoba angazi ukuthi bekuzokwenzakalani ukube sihluliwe. Abalandeli bethu bebeyifuna la iwini, ububona ezinhlamvini zamehlo. Kodwa-ke kuningi okusafanele ngikwenze, ngisazolishintsha leli qembu libe yinto engiyifunayo,” kusho uJonevret.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Drizzle. Morning clouds. Cool. Pta: 13-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Mild. Bloem: 12-24°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 17-25°C Showers late. a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 13-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...