Abalandeli baqonde uMotaung bacela ayeke ukugodla nemali

2017-02-14 11:03

Johannesburg - Abalandeli beKaizer Chiefs baqonde isikhulu sale kilabhu basitshela ukuthi bafuna sithenge u-Evans Rusike kwiMaritzburg United siyeke ukugodla nemali, kubika iphephandaba ILANGA.

Lesi sigejane sabalandeli siqonde uBobby Motaung oyiMenenja yeChiefs emuva kokuba le kilabhu yehlule iTeam of Choice ngo-2-1 ngempelasonto.

Emuva kwalo mdlalo abalandeli beChiefs abebemi ngasemhhumeni okuphuma kuwona abadlali – bamemeze uBobby becela ukukhuluma naye.

OLUNYE UDABA: I-PSL imemezele abahlabane ngezindondo

Uye kubona emamatheka ekhombisa nophawu lokuthula noxolo lwale kilabhu wathi: “Siyanithanda bafowethu. Siyabonga kakhulu ngokuseseka. Siyanithanda.”

Kube wukufika nje kubona bacela abathengele uRusike ongumgadli weMaritzburg. Baze bathi makayeke ukugodla nemali, makakhiphe imali efunwa yiMaritzburg athenge lo mdlali.

Uvele wamamatheka wathi: “Kulungile bafowethu, siyanithanda.” Usho kanje maqede wahamba.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...